Indoda idlwengule, yaluma yase ibulala ingane yesihlobo e-KZN

2017-08-17 16:02

Durban - Sishubile isimo eThubalethu eMelmoth, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, njengoba umphakathi wakhona uvutha ungabaselwe ngesenzo sowesilisa, 27, osolwa ngokudlwengula intombazane, 5, wayibulala wayilahla ehlathini.

Umsolwa igama lakhe eligodliwe kuze kube uvele enkantolo kuthiwa udlwengule u-Aphiwe Mathunjwa oyindodakazi yesihlobo sakhe, wayingenela ngamazinyo wayibulala, isidumbu sayo wasimboza ngotshani ehlathini.

Umsolwa usindiswe ngamaphoyisa esho ukumudla amfele amalunga omphakathi abethukuthele ethelwa ngamanzi njengoba eke athi ukumtitinya.

OLUNYE UDABA:'Umdlwenguli' usededeliwe ngemuva kokuxolelwa yisisulu

ILANGA lithole ukuthi u-Aphiwe ugcine ukubonakala ngoMsombuluko edlala nezinye izingane. Umndeni wakhe uqale ukuqaphela sekuqala ukuhwalala ukuthi akekho, kuze kwayolawa engatholakali.

Kuthiwa ngakusasa amalunga omndeni avuke awuhlaba awulawula, kwaqala kwabhekwa ingane.

Kunamalunga omphakathi okuthiwa aveze ukuthi ingane agcine ukuyibona ihamba nomsolwa, eyidonsa ngesandla. Umphakathi ube usuqonda kumsolwa uyombuza ngengane, akazange achithe sikhathi umane wakhuluma iqiniso wabe eseyokhombisa amalunga omphakathi isidumbu.

Kusolakala ukuthi uqale wayidlwengula wabe eseyiluma ngamazinyo ebusweni nasemzimbeni waqeda lapho wayinklunyula intamo.

Ingane itholakale ingagqokile isingezansi, eyimboze ngotshani esithweni sangasese.

ILANGA litholwe ukuthi nakuba umsolwa usaphefumula kungenxa yamaphoyisa okuyiwona amphuthumise esibhedlela elimele kanzima.

"Ngiyasola uphazamisekile lo mfana ekhanda, akekho umuntu ophile kahle emqondweni ongenza into efana nale enganeni yesihlobo sakhe.

"Okungenza ngisho kanje wukuthi ngesikhathi eyosikhombisa lapho eyilahle khona ingane, ubengabonakali ethukile nokuthi uyazisola ngento ayenzile," kusho ilunga lomphakathi ebelikhona ngesikhathi umsolwa eyokhomba lapho elahle khona ingane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Tembeka Mbhele, usiqinisekisile lesi sigameko wathi umsolwa uthathwe ngamaphoyisa umphakathi umshaya amphuthumisa esibhedlela.

Uthi amaphoyisa amqaphe ngeso lokhozi esibhedlela kanti kulindeleke ukuba avele enkantolo uma eseluleme ukuze ayobhekana namacala akhe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.