Indoda idubule izingane zayo ezintathu, yazibulala nayo

2017-10-28 15:07

Cape Town - Owesilisa oneminyaka engu-40 ubudala ungqokloze ngesibhamu izingane zakhe ezintathu ngaphambi kokuba athathe umbhobho wesibhamu awubhekise ngakuye eMthatha, e-Eastern Cape.

Kukholakala ukuthi le ndoda idubule lezi zingane, eziphakathi konyaka owodwa nengu-8 ubudala, umama wazo naye ekhona lapho bebehlala khona, kubika i-EWN.

Imbangela yalesi sigameko ayaziwa okwamanje kepha okhulumela amaphoyisa uMzukisi Fatyela uthe kunophenyo oluqhubekayo kulandela lesi sigameko.

UFatyela uthe lesi sigameko senzeke ngabo-02:30 ngoMgqibelo eCawa ngaseMqanduli.

“Asinaso isiqiniseko ngokwenzekile nokuthi imbangela yalesi sigameko kube yini. Umama walezi zingane ubekhona naye endlini ngesikhathi zibulawa."

OLUNYE UDABA: Umama ubulale izingane, wehluleka ukuzibulala

Kwesinye isigameko kusona lesi sifundazwe, owesilisa udubule unkosikazi washona emzini wabo ose-East London naye wase eyazidula kepha wangashona.

Kubikwa ukuthi kumanje le ndoda ibangwa nezibi esibhedlela iFrere Hospital kulandela lesi sigameko sangoLwesihlanu, kubika iDispatchLive.

Umndeni kamufi uthi ubuwazi ukuthi lezi zithandani zinezinkinga emshadweni wazo kepha bebengakaze bacabange ukuthi umkhwenyana angabulala umkakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.