Indoda igqeme yabulala uzakwabo kubangwa isikweletu samanzi

2017-02-07 13:00

Harare – Owesilisa waseZimbabwe, 63, ugwetshwe iminyaka engu-12 ebhadla ejele ngokubulala uzakwabo ngensimbi kubangwa isikweletu samanzi, kusho umbiko.

Ngokombiko weNew Zimbabwe, uNicholas Takavarasha, osebenza kwesinye sezakhiwo zedolobha eGweru, uhlasele uzakwabo uTrevor Gezana, ngensimbi ngemuva kokuba engasikhokhelanga isikweletu samanzi.

UTakavarasha ubefuna uGezana akhokhe isikweletu samanzi ngaphambi kokuba aqhubeke nokuwasebenzisela ibhizinisi lakhe lokuwasha izimoto.

OLUNYE UDABA: Kubikwa ukuthi kunotokoloshe abalala nothisha

Umufi uthembise ngokukhokha ngakusasa. Lokho akwehlanga kahle kumsolwa, ovele wathatha insimbi endlini yakhe wazomgqema ngayo.

"Ngesikhathi umufi esalele phansi, equlekile, umsolwa uphinde wamshaya,” kusho umshushisi.”

Esebona akwenzile, uTakavarasha uzame ukuzibulala kodwa wehluleka.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.