Indoda isolwa ngokudlwengula umsizi wasendlini, yamphoqa ukuba alale nenja

2017-10-25 12:31

Johannesburg - Owesilisa oneminyaka engu-45 ubudala ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngemuva kwezinsolo ezithi wadlwengula umsizi wakhe wasendlini wabe esemphoqa ukuba agile imikhuba yocansi nenja, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoLwesithathu.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngoMsombuluko ntambama eRiamar Park, eBronkhorstspruit, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Mavela Masondo.

UMasondo uthi umsolwa wahudulela lo wesifazane kwelinye lamagumbi lapho afike amdlwengulela khona kwaze kwaba yisezintatha zangosuku olulandelayo.

"Kusolakala ukuthi umsolwa wabe esephoqa isisulu ukuba sigile imikhuba yocansi nenja yakhe," kusho uMasondo.

OLUNYE UDABA: Uboshiwe unesi ovume elokuthi wadlwengula, wakhulelisa isiguli

"Amaphoyisa abe eseyathintwa kulandela lesi sigameko esihlasimulisa umzimba, ase enikela endaweni yesigameko afike agaxa umsolwa ozankosi."

Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseBronkhorstspruit ngoLwesine.

Kwesinye isigameko esashiya abantu beshaqekile esenzeka ngonyaka owedlule, owesilisa owayengaphandle ngebheyili waphinde waboshwa ngemuva kwezinsolo zokudlwengula indodakazi yakhe eyihlanganyele nabangani bakhe.

Kuthiwa le ndoda, 52, nabangani bayo ababili bavela eNkantolo yeMantshi yaseMaluti ngecala lokudlwengula.

Kusolakala ukuthi babeshintshisana bedlwengula le ngane, 15, ikubo e-Outspan Village. 

Kuthiwa le ngane yayibuya esikoleni ngesikhathi yehlelwa yilo mshophi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.