Indoda ithi ‘izobulala’ umkayo ofuna ukuyidivosa

2016-07-15 16:01

Bulawayo – Owesilisa owayeyiphoyisa usongela unkosikazi wakhe ngokuthi uzomjezisa ngokumgqokloza ngesibhamu kulandela ukuthi efake amaphepha esehlukaniso enkantolo.

USibonokuhle Mlotshwa utshele inkantolo ukuthi kusukela afaka amaphepha edivosi enkantolo, umyeni wakhe uTshaka Mlotshwa, uyamhlukumeza, kubika iBulawayo24.

Uthe uTshaka umsabisa ngokumbulala.

OLUNYE UDABA: Uthi ufuna idivosi osekhathele ukuncishwa ucansi

"Uhlezi engibiza ngazo zonke izinhlamba, angilandele angisabise ngokungibulala. Uthi uzongidubula aphinde ashise umuzi wethu ngoba ufuna ukungizwisa ubuhlungu ngokuthi ngamdivosa,” kusho uMlotshwa etshela inkantolo.

Uthi uTshaka waphinde wamtshela ukuthi akanankinga ngokuya ejele uma esembulele.

UMlotshwa unikezwe incwadi yesivimbezelo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.