Indodakazi ibhekene nelokubulala unina kulandela ukuthethiswa

2017-06-12 11:01

Polokwane - Ibhekene necala lokubulala intombazane eneminyaka engu-17 ubudala ngemuva kokushaya ngesihluku umama wayo owayithethisela ukulova esikoleni.

Amaphoyisa aseLimpopo athe le ntombazane yayisekhaya eTshivhungululu Village ngaphandle kwaseThohoyandou ngesonto eledlule ngesikhathi umama wayo oneminyaka engu-60 ubudala eyibuze ngokulova kwayo esikoleni.

"Wayithethisa le ntombazane ngemuva kokulova kwayo esikoleni ngaphandle kwesizathu. Umsolwa wahlula unina ngamandla wamushaya.

OLUNYE UDABA:Isihluku obenesikhwele enquma unina wengane

"Lo mama waphuthunyiswa esibhedlela lapho ashonela khona ngemuva kwesikhashana," kusho isitatimende sokhulumela amaphoyisa, uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe.

Le ntombazane kulindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseThohoyandou.

Khonamanjalo, enye intombazane eneminyaka engu-17 ubudala ibhekene necala lokugwaza ibulale indoda eyazama ukuyidlwengula, ngommese wayo eSofaya Village endaweni engaphandle kwaseTzaneen.

Le ntombazane izinikele emaphoyiseni ngeSonto.

"Kusolwa ukuthi le ntombazane yayisendleleni eya ethaveni lapho eyahlangana khona nomufi owayefuna ukuyidlwengula kodwa yalwa nomufi, yamhlula ngamandla, yamphuca ummese wakhe yamgwaza ngawo waze washona," kusho uNgoepe.

"Umufi watholwa ngamaphoyisa ayeqhuba umsebenzi wawo endaweni, edindilize phansi enenqwaba yamanxeba okugwazwa emzimbeni."

Le ntombazane kulindeleke ukuba ivele eNkantolo yaMantshi yaseLenyenye namuhla (ngoMsombuluko).

 - DispatchLIVE

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Investment Associate

Cape Town
Mass Staffing Projects
R620 000.00 - R780 000.00 Per Year

C# Developer

Cape Town
Goldman Tech Resourcing
R300 000.00 - R360 000.00 Per Year

Senior Investment Analyst

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R775 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.