Indodakazi izibonele ngawayo kubulawa unina

2017-09-08 09:32

Nigel – Esigamekweni esishiye umphakathi waseSharon Park, eDunnottar, eNigel, uthuthumela, isalukazi esineminyaka engu-64 ubudala, uDianne Lehmann, sidutshulwe sabulawa yisoka laso leminyaka, uTrevor Allen,64, ngoLwesibili.

"Isigameko sokudubula senzeke phakathi kuka-20:00 no-23:00 e-Azure Pub and Restaurant lapho khona uLehmann engomunye wabanikazi bebhizinisi lomndeni,” kusho okhulumela amaphoyisa aseDunnottar uWarrant officer Tommy Tomlinson.

Ngokwemithombo esondelene nomndeni, indodakazi kaLehmann izibonele u-Allen obedakiwe edubula unina.

Kuqinisekisiwe ukuthi lezi zithandani zibenengxabano ngaphambi kwesigameko.

Ngemuva kwesigameko, indodakazi ifonele umfowabo nabangani abasondelene nomndeni ukuba baphuthume.

OLUNYE UDABA: Ubhodla umlilo umzali othi uthishanhloko ushaye ingane yakhe 

Kuthe uma befika, indodana kaDianne yafonela amaphoyisa kanye nabosizo lokuqala. U-Allen uboshelwe endaweni yesigameko.

ULehmann uphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho ephelele khona ngabo-05:00 ngakusasa ekuseni.

U-Allen uvele eNkantolo kaMantshi eNigel ngoLwesine ngecala lokubulala, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, ukuqhumisa isibhamu endaweni yomphakathi, nangokuphatha isibhamu ephuze utshwala.

Uzogcinwa esitokisini eNigel Correctional Services.

Icala lihlehliselwe uSepthemba 15.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.