Indodana ibhaxabule unina ngoba engaphekile

2016-08-16 17:32

Johannesburg - UDorah Radebe,84, ubelangazelele ukutatanyiswa yizingane zakhe nge-Women’s Day, wahlala wangapheka.

Kodwa lesi salukazi saseMofolo, eSoweto besingazi ukuthi sizidonsela amanzi ngomsele ngokungapheki kwaso.

Ngesikhathi indodana yaso eneminyaka engu-50 ubudala ifika unina engaphekile, kuthiwa yamshaya yaze yamshaya nangenduku yokudondolozela, yaphinde yamkhahlela ngisho esewele phansi.

Funda nalolu daba: Bangase baphinde bateleke abasebenzi beGautrain

“Angazi ukuthi wayedinwe yini kangaka,” kusho u Dorah. “Wacishe wangibulala.”

Okhulumela amaphoyisa uConstable John Serala uthi:  “Kuvulwe icala lokushaya.”

Ubesecela noma ngabe ubani onemininingwane engaholela ekuboshweni komsolwa ukuba axhumane namaphoyisa aseMoroka ku-086 00 10111 noma uSerala ku-071 675 65 47.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.