Indodana kaMengameli isiphinde yagadla kuGordhan, uRupert kanye noDe Klerk

2017-02-03 14:31

Johannesburg – UNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan, uyingxenye yabaholi “abanomhobholo” abasolwa ngokusebenzisa uhulumeni “ukuqongelela umcebo” wabo, kusho indodana kaMengameli Jacob Zuma.

U-Edward Zuma ukhiphe isitatimende ngoLwesihlanu ukuzwakalisa umbono wakhe ngezinto ezehlukene ezenzeka ezweni.

Kulesi sitatimende, uZuma uthi uMthethosisekelo “uxhashaziwe futhi wasetshenziswa ngokukhetha” ukuhambisana nabathile emphakathini.

Ngokombono kaZuma, kunabaholi abakhohlakele, abathuthukayo ngokomcebo phezu kokuthi kunabantu abahluphekayo, besebenzisa ubudlelwano babo “nongxiwa”.

OLUNYE UDABA: ‘Umengameli Zuma ufuna ukufaka uDlamini-Zuma kwesikaGordhan’

Ube esebala izinkinsela zosomabhizinisi, uJohann Rupert, uSipho Pityana, usopolitiki, uGordhan, kanye nalowo owayengumengameli wezwe, u-FW De Klerk.

“Bayizigebengu ezimunca umcebo wale lizwe besebenzisa ubudlelwano babo nalaba baholi abanezinjongo zebhizinisi cishe kuyo yonke into eyenza inzuzo,” usho kanje.

Uqhuba uthi abantu “bashaya sengathi ababoni” ukuthi uGordhan “unamasheya (ezinkampanini) yonke indawo”.

IHhovisi loMgcinimafa belingakatholakali ukuphawula ngalezi zinsolo ngesikhathi lithintwa abakwaFin24.

UZuma uphinde waveza nezinsolo zokuthi kukhona abafuna ukudayisa izinkampani zikahulumeni bedayisela izinkampani ezizimele.

“Bazama ukudayisa u-SAA enkampanini lapho isihlobo sikaGordhan noma indodakazi inokuxhuma ngokwebhizinisi.” 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.