Indodana kaMengameli Zuma ithi isazokhipha ezinye izincwadi

2017-07-29 13:01

Johannesburg – Indodana kaMengameli Jacob Zuma, u-Edward, uthi abantu abakaboni lutho, yize iSouth African Human Rights Commission iphakamisa ukuthi izomthathela izinyathelo.

U-Edward uthi le ncwadi evulelekile ayilobele lowo owayenguNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan kanye nowezokuVakasha uDerek Hanekom, ibiyisiqalo njengoba ehlela ukukhipha ezinye izincwadi eziningi.

Kule ncwadi, e -Edward Zuma, ubhale ukuthi uHanekom “uyinja engenazwelo eyaqeqeshwa ukuba idephune isikhumba esimnyama,” kubika i-eNCA ngoLwesine.

Uphinde wachaza uGordhan “njengomunye wamaqabane anenkohlakalo ukuwadlula wonke ku-ANC acabanga ukuthi abantu abamnyama ayikho into engcono abangayenza ngaphandle kokuhlahla umoba baphinde bathobele obasi abafana naye.”

OLUNYE UDABA: UGordhan ubona abantu abamnyama befanelwe ukuhlahla umoba – Indodana kaZuma

I-SAHRC ikhale ngokuthi le ncwadi igqugquzela inzondo nokucwasa ngokwebala.

Okhulumela le khomishana uGail Smith uthe: “Sizokhuluma naye ngalolu daba bese kuthi emuva kwalokho sinquma ukuthi yiziphi izinyathelo esizozithatha.”

U-Edward uthi yena akwenzile nje ukuzwakalisa umbono wakhe.

“Yiliphi ilungelo lokukhuluma ngokukhululeka engilephulile? Bengizwakalisa imibono yami manje ikuphi inkinga?”

Kuzokhumbuleka ukuthi uHanekom noGordhan baphakamisa ukuthi uMengameli Zuma ehle esikhundleni, lapho uGordhan akhuluma khona “ngosopolitiki abanenkohlakalo”, ebhekise kuZuma.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.