Indodana kaZuma ithi ikulungele ukubuya kuleli izogeza igama layo

2018-04-20 09:39

Johannesburg – Indodana kalowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma, uDuduzane, ngoLwesine ithe izimisele ngokubuyela eNingizimu Afrika ukuzogeza igama layo ngemuva kwesinqumo seNational Prosecuting Authority (NPA) sokuyishushisa.

NgoLwesine, i-NPA ikuqinisekisile ukuthi izomthwesa icala lokubulala ngokungenhloso uDuduzane ngemuva kwengozi yango-2014 eyashiya kushone owesifazane, kusho isikhulumi uLuvuyo Mfaku, ngokuguqulwa kwesinqumo saphambilini sokungamshushisi.

"Uzothweswa icala lokubulala ngokungenhloso,” kusho uMfaku.

OLUNYE UDABA: I-NPA inqume ukushushisa uDuduzane Zuma

UDuduzane wabekelwa izinyanga ezimbili, eziphele ngoMashi, ukuba achaze ukuthi kungani kungamele ashushiswe, kusho uMfaku.

Ngo-2014, imoto kaDuduzane yashayisa itekisi kaJabulani Vusi Dlamini ku-M1 South, kwashona uPhumzile Dube kwalimala abanye abantu abathathu.

I-NPA ngo-Agasti 2015 yanquma ukungamshushisi uDuduzane, nakuba sekuvelile ukuthi indodana kaZuma yaba nobudedengu.

Ku-Twitter, uDuduzane ukuqinisekisile ukuthi uyasazi isinqumo esithathwe yi-NPA futhi uzimisele ngokubuya kuleli azogeza igama lakhe.

- IOL

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.