Indodana yeMeya ibhekene nawokubulala nawokuzama ukubulala

2016-11-22 19:31

Usashaqekile umphakathi ongaphansi kukaMasipala i-Alfred Duma eMnambithi kulandela ukuboshwa kwendodana yeMeya.

Indodana yeMeya uVincent Madlala ibhekene namacala okubulala kanye nawokuzama ukubulala kulandela ukuboshwa kwayo ngeSonto eledlule.

Ngokusho kukaLt Col Thulani Zwane okhulumela amaphoyisa, ukuqinisekisile ukuboshwa kukaNdondo Madlala, 25.

Lo wesilisa uboshwe uphiko olukhethekile lobugebengu obuhleliwe kanti usolwa ngokubandakanyeka kwimpi yamatekisi ehlanganisa umndeni wakwaGamede.

OLUNYE UDABA:Owesimame ukhombe indoda eyamsiza athengele umyeni inkabi - KwaMashu

Kuthiwa le ndodana yeMeya ithinteka ecaleni elenzeka ngomhlaka 7 kuJuni 2015, kubika iLadysmith Gazette.

Kulesi sehlakalo kwadutshulwa kwabulawa uKwanele Gamede, 20, kwa-E eZakheni eduze kwesikole iSakhelwe.

Kuthiwa uKwanele wayenentombi yakhe ngesikhathi ehlaselwa, nentombi yalimala kabi kulesi sigameko kodwa ngenhlanhla yasinda.

UMadlala ubingelele imantshi yaseZakheni ngesonto eledlule kodwa icala lakhe lihlehliselwe umhlaka 23 kwephezulu.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.