INduna yenkosi isolwa ngokweba imfuyo

2017-09-18 12:31

Durban - Kuqubuke ezinye izinsolo ezingezinhle ngenduna yesizwe sakwaShezi eNkandla, iphephandaba ILANGA elike labika ngayo phambilini ukuthi kutholakale inkomo yelunga lomphakathi emzini wayo - obesekuphele iminyaka idukile - isiyiphawulile.

Leli phephandaba lithole ukuthi ngenyanga esedlule, kutheleke abantu emzini kaFana Ngidi beyolanda izinkomo okusolwa ukuthi zebiwe. Kuthiwa lezi zinkomo zitholwe seziphawuliwe, okwenza abantu basole ukuthi lokhu kwenziwa ngenhloso yokudukisa umkhondo.

Umthombo weLANGA okule ndawo, uthi isimo simuncu endaweni njengoba kulokhu kuqhubeka njalo kutholakala izinkomo zabantu esibayeni senduna.

"Into ecasula abantu kakhulu wukuthi induna idayisa inyama, okudidayo wukuthi isikhathi esiningi iyidayisela abantu bangaphandle, hhayi abasendaweni. Konke lokhu kwenza sisole ukuthi ziningi izinkomo zabantu ezibulawayo zidayiswe,” kusho umthombo

Uthi kunabantu baseKhombe khona eNkandla abalahlekelwe yizinkomo eziyisi-8, eyodwa yazo kuvela ukuthi itholakale esibayeni sikaNgidi.

OLUNYE UDABA:Induna iboshelwe ukudlwengula indodakazi

USkhumbuzo Mthiyane ongumunye wabantu abebelahlekelwe yizinkomo ezakhe ezingu-8, uthi eyakhe uze wayilanda esikiti oNdini, enyakatho yeKwaZulu-Natal yize ubesezwile ukuthi ibisesibayeni sikaMnu Mngadi.

Uthi uMngadi ubize amaphoyisa ayithatha inkomo yakhe yize ebesezwile ukuthi ngeyakhe. Utshele ILANGA nalezi ezinye izinkomo uyazifuna ngoba kusobala ukuthi induna inolwazi ngokuduka kwazo. "Sezizonke izinkomo zami ezilahlekile ziyisi-8 kodwa ngathola eyodwa.

"Ngize ngasebenzisa u-R5 000 okuyizindleko zokuyilanda lapho ibisithuthelwe khona (oNdini). Kuyangixaka ukuthi kungani engazange awazise umphakathi ukuthi kunezinkomo ezisesibayeni sakhe angazazi njengoba eze wabiza amaphoyisa sengizwile ukuthi ikuyena. UNgidi ngimtshelile ukuthi ngiyazifuna nalezi ezinye izinkomo zami ngoba kuyacaca ukuthi unolwazi lokuthi zikuphi," kusho uMnu Mthiyane.

Ethintwa uNgidi ngalolu daba, uvele wabhoka ngolaka ebuza ILANGA ukuthi ngubani olinike inombolo yakhe. “Ngubani okutshele ukuthi mina ngeba izinkomo? Udaba lwezinkomo ngalubika emkhandlwini (wenkosi), wena uma ufuna ukuzwa ngalo woza emkhandlwini ungakhulumi nami," kubhoka uNgidi.

Ebuzwa mayelana nabantu abafike kwakhe beyolanda izinkomo zabo, uNgidi usole ILANGA ngokufuna ukudicilela phansi igama lakhe.

"Wena inhloso yakho wukungidelela, ngubani okunikeze inombolo yami ukuba uzongidelela? Kakukho nkomo engiyebile mina futhi uma ufuna ukuzwa ngalokho woza emkhandlwini weNkosi uShezi," kusho uNgidi maqede wavala ucingo.

Undunankulu wesizwe sakwaShezi, uMavondwe Ngonyama, ethintwa yileli phephandaba uthe usengcwabeni kodwa uma lifuna ukuzwa kahle ngalolu daba maliye emkhandlwini wenkosi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

How your dog can tell what you’re feeling

Researchers have found a specific area in a dog’s brain that recognises human faces – a finding that may help to explain why dogs are so sensitive to human social cues.

 

Paws

Share your 67 minutes with animals in need this Mandela Day
Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!
Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.