Inesi elilahlwe yintombi litholakale lidindilizile emsebenzini

2018-04-30 13:59

eBloemfontein - Onesi basesibhedlela iBloemfontein Mediclinic bashaqeke kabi bethola uzakwabo eshonile emsebenzini.

Ngokusho kwemithombo ye-Daily Sun, lo nesi oneminyaka engu-31 ubudala utholakale egumbini lokuhlinzela ngoMgqibelo ekuseni.

Kukholakala ukuthi lo nesi wesilisa uzibulale ngokwakhe esebenzisa imishini ye-gas ngemuva kokuba alaxazwe yintombi yakhe ngoLwesihlanu.

Leli phephandaba lithole ukuthi lo mlisa akazange azamukele kahle izindaba zokulahlwa yintombi yakhe.

OLUNYE UDABA:Kushone oyedwa imoto iphaphalaza iyoshayisa isihlahla ngezintatha

Umngani wakhe uthi ubelokhu encokola ngokuthi uzozibulala, kodwa ubengacabangi ukuthi uzokwenza ngempela lokho.

"NgoLwesihlanu ngemuva komsebenzi, wangivakashela ekhala engitshela ukuthi intombi yakhe imlahlile. Ubecabanga ngisho nokuzibulala."

"Angizange ngimnake ngoba bengicabanga ukuthi uzothola indlela yokubuyelana nentombi yakhe. Njalo uma bexabana kakhulu bebehlukana kodwa bese bayabuyelana,"kusho umngani.

Lo mngani uthi wamtshela umufi ukuthi akabhale umlayezo wokuxolisa entombini yakhe.

"Akafunanga ukungitshela ukuthi kwenzakaleni phakathi kwabo.

"Ngishaqeke kabi ukuzwa ukuthi uzibulalele emsebenzini. Wanyamalala ngoLwesihlanu ebusuku engatshelanga muntu ukuthi uyaphi.

"Sasizitshela ukuthi umatasa nokuhlola isimo kumawodi. Simangale kabi simthola edindilizile embhedeni kukhona nemishini ye-gas emakhaleni akhe."

Okhulumela amaphoyisa uConstable Wendy Nkabi uthe kuvulwe idokodo kanti futhi amaphoyisa asaphenya.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.