Johannesburg
– Imenenja yebhola kuKaizer Chiefs uBobby Motaung usewaphebezile amahlebezi
athi akusensukuzatshwala uSteven Pienaar asayinde naleli qembu.
UMotaung
uchazile ngoLwesithathu ukuthi aMakhosi akhethe ukungamsayinisi lo mdlali
obegijima ku-Everton, njengoba iziphathimandla zeqembu ziveze ukuthi benele
abadlali abanesipiliyoni kuleli qembu.
"Uma
usayinisa umdlali ofana noSteven usuke ulindele ukuthi amava akhe adlulele
kwabanye abadlali aphinde abe yisiboneli kwabanye,” kusho uMotaung ecashunwa yiTimes
Live.
OLUNYE
UDABA: Isidaluliwe imali efunwa uPienaar uma ebuyela ku-PSL
"Sesinabo abadlali abanamava abafana noShabba
(Siphiwe Tshabalala) no-Itu (Itumeleng Khune).
“Asisiboni
isidingo sokuzixaka sifune uSteven ukuba azokwenza into esivele yenziwa abanye
abadlali. Ngicabanga ukuthi senele ngabadlali abacija abanye.”
Amanye
amaqembu okwathiwa agaqele lo mdlali yi-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.