Ingane, 6, ibulale usana, kwaboshwa umama

2016-08-13 12:01

Florida - Ingane yomfana eneminyaka engu-6 ubudala ishaye yabulala udadewabo osemncane ngesikhathi umama wabo oneminyaka engu-62 ubudala esaphumile emotweni isikhathi esingangemizuzu engu-30 esangene esitolo esikhanda amaselula, kusho iziphathimandla zakuFlorida Gulf Coast.

Njengamanje lo mama, uKathleen Marie Steele ubhekene necala lokubulala ingane.

OLUNYE UDABA:  Umlilo ubulale izingane ezingu-11 ezisanda kuzalwa esibhedlela

Owamaphoyisa asePinellas County uBob Gulatieri uthe lo wesifazane ungene esitolo esikhanda amaselula ku-St Petersburg ngoMsombuluko washiya izingane zodwa emotweni, usana oluzelwe,  ingane eneminyaka emithathu ubudala neneminyaka engu-6 ubudala.

Ngesikhathi uSteele esaphumile usana lube seluqala lukhala le eneminyaka engu-6 ubudala yayishaya izama ukuyithulisa, kusho iphoyisa.

"Lo mfana omncane ubeyijikijela nje ingane sengathi unodoli," kusho leli phoyisa ngesikhathi kunengqumngquthela yabezindaba ngoLwesine, ngemuva kwesikhana kboshwe uSteele.

Yize kunjalo, " iphutha likumzali, uKathleen Steele, hhayi umfana, 6," kusho iphoyisa.

UGulatieri uthe lo mfana angeke aze athweswe icala. Umama wakhe ohlala endaweni yaseSt Petersburg uvele enkantolo ngoLwesihlanu wathi uyaliqonda icala. Izingane zakhe zombili zigcinwe endaweni ephephile.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.