Ingane, 8 idubule umkhulu wayo ekhanda icabanga ukuthi isibhamu sethoyizi

2018-04-07 09:20

eGoli - Owesilisa waseRandfontein ubangwa nezibi esibhedlela ngemuva kokudutshulwa wumzukulu wakhe.

Le ntombazanyana eneminyaka engu-8 ubudala idubule umkhulu wayo, 46, esiphongweni ngoLwesine ekuseni.

Kuthiwa lengane ibicabanga ukuthi lesi isibhamu sokudala, yadbula umkhulu wayo, kusho umndeni utshela abephephabhuku i-You.

OLUNYE UDABA: Wathola impama owakhononda ngengane eyayikhala into engapheli eRestaurant

Kuthiwa lo mlisa ubehleli nomkakhe kanye nabanye abazukulu babo ekamelweni ngesikhathi kwenzeka lokhu.

Abezimo eziphuthumayo babizelwe endaweni yesigameko ngemuva kokuba kuqhume isibhamu ekuseni ngo-07h10 endaweni yaseHelikon Park.

Lo mlisa uphuthunyiswe esibhedlela iChris Hani Baragwanath lapho alashelwa khona.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.