Ingane ena-13 inqatshelwe ukuba ihushule isisu

2016-08-02 16:01

Mexico City — Izikhulu zaseMexico zanqabela intombazane eneminyaka engu-13 ubudala ukuba ikhiphe isisu njengoba yayidlwengulwe  umuntu osondelene kakhulu nomndeni wayo, kusho izishoshovu ngoMsombuluko.

Kuvumelekile ukuhushulwa kwezisu eMexico kwabadlwenguliwe.

Kodwa uRegina Tames, ongumqondisi weGroup for Information on Reproductive Choice, uthi izikhulu zaseSonora ziyanqaba ukuba lesi sisulu sihushule isisu ngenxa yokuthi zikholelwa ukuthi isinesikhathi eside ikhulelwe.

Funda nalolu daba: Iboshiwe etholakale nezidakamizwa kwijwabu

"Inesizathu njengesisulu ukuba ikhiphe isisu,” kusho uTames.

UTames uthi umndeni wesisulu usucabanga ukuthi intombazane bayihambise eMexico City lapho kuvumelekile khona ukuba abesifazane basikhiphe isisulu uma sebenamasonto eqile kwangu-12 bekhulelwe.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.