Ingane idubule ngephutha umama wayo ngesibhamu sikayise

2018-04-20 15:59

Indianapolis - Ingane eneminyaka engu-3 ubudala yase-Indiana idubule ngephutha umama wayo ozithwele, kubika abezindaba.

Lo mama usesimeni esibucayi kodwa akukubi kakhulu.

Ingane idubule uShaneque Thomas, 21, amaphoyisa athe unezinyanga eziyisithupha ezithwele, ehlombe ngoLwesibi ngaphandle kwezitolo eMerrillville.

Amaphoyisa athi uMenzo Brazier, oyisoka lesisulu futhi ongubaba wezingane zabo ezimbili, eneminyaka engu-3 ubudala nenonyaka izelwe, ushiye isibhamu sakhe sihlohliwe phakathi kwezihlalo emotweni ngaphambi kokuphuma eye esitolo.

OLUNYE UDABA:Ingane idubule ezinye enkulisa

Ngemuva kwalokho indodakazi, 3, yalezi zithandani idonse isibhamu yadubula kanti kuzoshayeka uThomas ehlombe.

"Ingane ibingazi nokwazi ukuthi yenzeni kodwa ibibonakala ukuthi yethukile," kusho uDetective Sgt. James Bogner etshela i-NBC Chicago.

"Ukushiya isibhamu esihlohliwe emotweni enezingane yisenzo sobudedengu," kusho isikhulu samaphoyisa aseMerrillville, uJoe Petruch, etshela iWMAQ.

"Ngiyathemba ukuthi isisulu sizolulama."

Lesi sigameko sifana naleso esenzeka ngo-2016 eFlorida lapho indodana yommeli wamalungelo ezibhamu eneminyaka engu-4 ubudala yamudubula ngephutha ngesikhathi eshayela.

 - Huffingtonpost

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.