Ingane ithole inyoka egumbini layo emzini oseVerulam

2016-07-22 20:31

Durban – Inyoka enobuthi ikwazile ukuhuquluza yayongena egumbini lokulala lengane emzini osenyakatho neTheku, kepha manje isibanjiwe.

IReaction Unit South Africa ishayelwe ucingo ngabo-19:15 ngoLwesine emzini oku-Everest Heights‚ eVerulam‚ abakhona becela ukuthi kuzosuswa le nyoka.

“Le nyoka ibonwe yingane egumbini layo lokulala, ibizishutheke phakathi kwamabhokisi,” kusho i-RUSA ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: Kube umashiywa kulunguza inyoka epotimendeni ebhasini

Kuthiwa le nyoka yiMozambique Spitting Cobra.

“Ngenxa yokuthi le nyoka inobungozi obukhulu, kube sekubizwa ochwepheshe kwezokubamba izinyoka,” kusho isitatimende.

Le nyoka, engaphezulu kwemitha ubude, ibe isiyabanjwa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.