Ingane iwelwe yisibuko esitolo, yashona

2018-03-06 07:33

Riverdale – IPayless Shoes ikhalisana nomndeni wentombazane eneminyaka emibili ubudala eshone ngemuva kokuwelwa yisibuko iphakathi esitolo esise-Atlanta, eMelika.

Okhulumela amaphoyisa aseRiverdale uLt. Nicole Rabel utshele abezindaba ukuthi u-Ifrah Siddique utholakale elimele kabi ngoLwesihlanu ebusuku.

Lesi sitolo esidayisa izicathulo ngamanani aphansi sikhiphe isitatimende ngeSonto mayelana nalesi sigameko esishaqisayo, sathi sisebenzisana neziphathimandla ukuthola kabanzi ngesigameko.

OLUNYE UDABA: Owesilisa uzidubule wazibulala phambi komuzi kamengameli

URabel uthi uSiddique ubehamba nomndeni wakhe ezothengelwa izicathulo ezintsha kulesi sitolo ngesikhathi isibuko siwela phezu kwakhe.

Ingane ishonele esibhedlela.

Umzala kaSiddique, u-Aquib Iftkhar, ithi isisulu silahlekwe yigazi eliningi kanti futhi siphinde sophela ngaphakathi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.