Ingane kaSifiso Ncwane ithi lo mculi uyondla ngo-R650

2016-07-28 16:01

Durban – Indodakazi yomculi oshaya owokholo, uSifiso Ncwane, ithi isikhathele ukuncenga ubaba wayo ukuthi ayinake, njengoba eyondla ngo-R650 kuphela njalo ngenyanga.

UNqobile Mzelemu, 18, uthi ubaba wakhe unaka wonke umuntu emhlabeni – ngaphandle kwakhe.

Le ngane yokuqala kaNcwane, eyenza uGrade 11, igonyulukele iphephabhuku iDrum yathi uNcwame into ayaziyo “ukuthengela abantu izimoto zohlobo oluphambili, anikele kwabampofu, kepha akanandaba nami”.

OLUNYE UDABA: USfiso Ncwane uzonikelela umphakathi wangakubo

UMzelemu, obezama ukubamba izinyembezi, uthi uNcwane akaze abe ngubaba kuye, njalo uma elula isandla, umshaya indiva.

Uthi yena udonsa kanzima empilweni ebhuqwa yindlala, kepha ubaba wakhe uphila buthebelele nomndeni wakhe.

“Umfaniswano wami wesikole ugugile futhi udabukile, le mali angithumelela yona njalo ngenyanga ayenele,” esho.

Ukuthola lolu daba luphelele, thola iDrum.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.