Ingane yagcotshwa upelepele esithweni sangasese

2016-08-17 14:30

Durban – Owesifazane odla izidakamizwa waseChatsworth, eThekwini, yena nomama wakhe ababhekene necala lokudlwengula nelokubulala indodakazi yakhe eneminyaka emithathu ubudala, utshele inkantolo ukuthi wabona umama wakhe egcoba ingane ngopelepele esithweni sangasese.

Kuthiwa ugogo wengane wakwenza lokhu ngoba eyijezisela ukuthi izimoshelile, usho kanje etshela iNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoMsombuluko.

Funda nalolu daba: Izigebengu zidubule ingane zizama ukweba imoto

Ingane yentombazane yagcina ngokushona ngomhlaka 20 Novemba 2014.

Laba besifazane bawaphika wonke amacala abathweswa wona, okubalwa kuwona nelokuhlukunyezwa komfana oneminyaka engu-12 ubudala nodadewabo oneminyaka engu-9.

Lona wesifazane uthi ngesikhathi ezama ukunqanda ugogo wezingane zakhe ukuba agcobe ingane ngopelepele, wamdudulela phansi, kubika iThe Post.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.