Ingane,11, izibulele ngoba isaba uthisha wezibalo

2017-08-04 14:02

Johannesburg - Ingane eneminyaka engu-11 ubudala incamele ukuzibulala kunokuba ibhekane nothisha wezibalo esikoleni.

ULindokuhle Sithathu obefunda u-grade 11 utholakale elenga ophahleni lwendlu egaraji emzini wakubo egqoke umfaniswano wesikole.

Lo mfundi waseRichards Bay Primary School, ogwini olusenyakatho yeKZN, kukholakala ukuthi uzilengise ngoba esaba ukutshela uthisha wezibalo ukuthi ulahle ibhuku.

U-anti wakhe, uLungi Khumalo, 32, uthe umndeni wakhe ushaqekile ngesigameko futhi ufuna uMnyango wezeMfundo uphenye uthisha.

“Udukelwe yibhuku ngempelasonto, wagcina engasafuni ukuya esikoleni ngoMsombuluko. Ngesikhathi simbuza ukuthi konakele kuphi, uthe uthisha uzohlekisa ngaye, amenze abukeke njengesilima,” kusho uLungi.

OLUNYE UDABA: Udedelwe ngebheyili oshaywe 'wabulala usana' lwakhe

Uthi ngelanga abathole ngalo uLindokuhle eshonile, babemtshelile ukuthi akaye esikoleni, bazombhalela incwadi eshoyo ukuthi bazothenga elinye.

ULungi uthe kutholakale incwadi ephaketheni lebhulukwe likaLindokuhle.

Incwadi ifundeka kanje: “Mndeni wami, nisole uthisha ngokuzibulala kwami. Ubengenza ngizizwe ngingenamsebenzi walutho. Ngiyakuthanda mama.”

UKwazi Mthethwa, okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN uthe uthanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini nakozakwabo bomfundi. Wathi ngeke baqagule ngokwenzekile kodwa bazokwenza uphenyo.”

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane usiqinisekisile isigameko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.