Bulawayo – Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala eZimbabwe ngemuva kokuba ebulale indodakazi, 8, angayizali ngemuva kokuthi eyiphoqe ukuba igqume kanti izosha.
Ngokwephephandaba iChronicle, uLevius Ncube, osolwa nangokudlwendula ephindela le ntombazanyana, ubanjwe yizakhamuzi zamnikela emaphoyiseni ngoMgqibelo.
Okhulumela amaphoyisa uCharity Charamba usiqinisekisile isehlakalo.
OLUNYE UDABA: Uthi akazisoli owathi usezofa uMengameli
Ezama ukufihla ubufakazi bokuthi ubehlukumeza ingane, uNcube uphoqe ingane ukuba igqume.
"Amaphoyisa aphenya ngecala lokubulala elenzeke eMoyo Village eLupane. Owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala ushaye ingane, 8, yavaleka iso.
"Ngesikhathi ezama ‘ukuyelapha’, ubilise amanzi ngethini wathi ayimboze ngengubo phezu kwawo. Ingane iqulekile, yawela emanzini yasha. Ishone ngakusa, umsolwa wabaleka,” kusho uCharamba.