Ingase yehle intengo kaPetrol ngoDisemba

2016-11-15 12:32

Cape Town – Intengo kaphethiloli ingase yehle ngo-45c ilitha ngoDisemba njengoba intengo yawo emhlabeni wonke iqale ukwehla ngoNovemba , lokhu kuvezwe yi-Automobile Association (AA) ngoLwesibili.

Le nhlangano ibiphawula ngemuva kokuba i-Central Energy Fund (CEF) ikhiphe intengo kaphethiloli engacubunguliwe maphakathi nenyanga.

“Intengo kaphethiloli emhlabeni wonke ibilokhu izinzile ngo-October, kodwa ibilokhu yehla kusukela ngoNovemba,” kusho i-AA.

OLUNYE UDABA:Ezimnandi kakhulu ngo-petrol kwabagudle ugu 

Amandla erandi uma liqhathaniswa nedola laseMelika abelokhu eqinile ngesikhathi esifanayo, nokubambe iqhaza elikhulu kulokhu.

Le nhlangano iqhuba yathi kulindeleke ukuthi intengo kaphethiloli yehle ngo-45c ilitha, eyadizili yona yehle ngo-38c ilitha bese kuthi eyapharafini yona yehle ngo-40c ilitha.

Kuzokhumbuleka ukuthi intengo kaphethiloli yenyuka ngo-45c ilitha ngoNovemba, nokwaholela ekutheni intengo kaphethiloli ibize u-R13.05 ilitha izindaweni ezimaphakathi nezwe, yase ibiza uR12.57 ilitha kulabo abahlala ezindaweni ezigudle ugu.

Kodwa-ke noma kunjalo i-AA ithi lokhu kwehla kwaphethiloli okulindelekile kuzoba yinto yesikhashana. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.