Ingoduso kaZuma ithweswe iziqu ekolishi eseThekwini

2018-05-03 19:24

Durban - UNonkanyiso Conco, okungowesifazane okubikwa ukuthi uzoshada nalowo obengumengameli uJacob Zuma, uthweswe iziqu zeDiploma in Journalism eRosebank College, eThekwini, ngoLwesine.

UConco ube sematheni ngenyanga eyedlule ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi ubelethe indodana kaZuma ngomhlaka-12 Ephreli nonyaka, kubika iThe Star.

UConco, okubikwa ukuthi wabhalisa njengo“Nkk Zuma”, ngesikhathi engeniswa esibhedlela esiseThekwini, wabaletha ngosuku lokuzalwa lukaZuma.

UConco, 24, kubikwa ukuthi uzogcagcela kwaZuma okusho ukuthi uzoba ngunkosikazi wesikhombisa kaZuma.

Imibiko yangaphambilini yaveza ukuthi uselotsholiwe, nokho amalungiselelo omshado abengakenziwa.

OLUNYE UDABA: Uphoqiwe ukuba esule emsebenzini wakhe 'ozoshada' noZuma

UConco, owayengumsakazi wesiteshi esizinze eMgungundlovu, uMgungundlovu FM, udabuka eThornville.

Wafunda amabanga aphezulu eHaythorne High School, eWoodlands, eMgungundlovu, waphinde wenza izifundo zebhizinisi eVarsity College.

Umngani wakhe uthi uConco wayechoma ngokuthandana noZuma, futhi embiza ngoBaba, kusukela ngo-2013.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.