INGOSI: Abanikazi bomnotho ‘sebeyamgcwalisela’ uZuma ngokuthi ubani onamandla

2017-04-05 14:03

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban – Sekucace bha okwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi inkulu impi eqhubekayo phakathi kukaMengameli Jacob Zuma kanye nalabo abangahambisani nobuholi bakhe, okubonakala kukhona ngakubona nalabo abaqhoqhobele umnotho.

UMengameli Zuma uvele wayinyathela emsileni kubanikazi bomnotho ngokuxosha lowo obenguNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan, nobonakala engaconsi phansi kubatshali bezimali, osomabhizinisi, osomnotho kanye nezinhlango zepolitiki, ikakhulukazi lezo ezithathwa ngokuthi zivikela umnotho wongxiwa nosudume ngengama elithi i-white monopoly capital kwizimbangi zabo.

Abaningi bazokhumbula ukuthi abantu bakuleli bese kunesikhathi eside behlale behleli ngeqhezu elilodwa njengoba bekuthi njalo uma kuke kwavela izindaba zokuthi kuzoshushiswa noma kuzoxoshwa uGordhan bese kuqumbeka phansi amandla erandi lakuleli uma liqhathaniswa nezimali zakwamanye amazwe. Ngokuhamba kwesikhathi kuvele izindaba zokuthi amabhange akuleli kanye nawangaphandle abamdibimunye ekulawuleni amandla erandi. Lokhu kwavela kwimiphumela yophenyo lweCompetion Tribunal olusukela ngonyaka ka-2015.

Ezinye izinsongo ebezihlale ziba khona uma kuvela izindaba zokuthi kuzoshushiswa noma kuzoxoshwa uGordhan yilezo zokuthi iNingizimu Afrika izokwehliselwa ezingeni eliphansi (junk status) ngokokukleliswa kwezinga lomnotho wamazwe.

Izikhungo bese zilinde ukuxoshwa kukaGordhan bese ziyagadla kuZuma

Kodwa-ke okuqaphelekile ukuthi izikhungo eziklelisa iminotho yamazwe (credit rating agencies) bezilokhu zikugwema ukwehlisela esigabeni esiphansi izinga lomnotho wakuleli yize noma ibingekho into ethembisayo njengoba umnotho wakuleli ungakhuli ngokwezinga elidingekayo.

Kodwa ngemuva kokuxoshwa kukaGordhan ngoLwesihlanu, esinye salezi zikhungo ezikelisa iminotho yamazwe, iStandard & Poor’s (S&P), ayichithanga sikhathi njengoba ngoMsombuluko elakuleli lilale ngezindaba ezithi selikleliswe esigabeni esiphansi sezinga lomnotho.

Kuthe kusenjalo kwaqhamuka iMoody’s nethathe isinqumo sokubuyekeza izinga lomnotho wakuleli nalapho kunetwetwe lokuthi nayo izohamba emagameni e-S&P. 

Lokhu-ke kuzoba nomthelela ongemuhle neze emnothweni wakuleli, ovele ontengantengayo, njengoba iNingizimu Afrika ingeke isakwazi ukuboleka izimali kwamanye amazwe. Ngaphezu kwalokho lokhu kulindeleke ukuba kuphinde kube nomthelela omubi nasemandleni erandi, ukunyuka kwentengo kaphethiloli, intengo yokudla kuphinde kunciphe namathuba emisebenzi, nayo le engekho.

Ngale kwalokhu, kuzokhumbuleka futhi ukuthi ngonyaka odlule isikhungo iFuturegrowth samemezela ukuthi angeke sisaziboleka izikhungo zakuleli ezingaphansi kukahulumeni imali. Kulezi zikhungo kubalwa u-Eskom, uTransnet, uSanral, uLandbank, i-IDC kanye neDBSA.

IFutergrowth yazwakalisa ukukhathazeka, ikakhulukazi ngokuzimela kwamabhodi alezi zikhungo emkhandlwini omusha, ozoholwa uMengameli Jacob Zuma.

UZuma kade aqala ukuba nesigcwagcwa kubanikazi bomnotho

Lokhu kuhlalwa ngobhongwane kukaMengameli Zuma ngabanikazi bomnotho, akuqali njengoba ngoDisemba kunyaka ka-2015 agcina (uZuma) egobe uphondo ngemuva kwesinqumo sakhe esathusa abaningi sokuxosha lowo owayenguNgqongqoshe wezeziMali, uNhlanhla Nene.

Okwadalela uZuma amazinyo abushelelezi kosomabhizinisi ukuthi ngemuva kokuxosha uNene wabe eseqoka uDavid van Rooyen njengoNgqongqoshe wezeziMali – nokwabe sekuvela izinsolo zokuthi uqokwe umndeni womacaphuna kusale ohlale usematheni kuleli, abakwaGupta. Kuthiwa lo mndeni ungabangani abakhulu noMengameli Zuma kanti kuphinde kusolwe nokuthi usebenzisa lobu budlelwano ukuzenzela umathanda ezindabeni ezithinta ukuphathwa kwezwe.

Ngenxa yengcindezi, uZuma wagcina emkhiphile uVan Rooyen, wabuyisela uGordhan, nokwaletha uzinzo ezimakethe kwazise uGordhan akaconsi phansi kubatshali bezimali kanye nosomabhizinisi.

Okhethweni lohulumeni basekhaya ngonyaka odlule abatshali bezimali baphinde bakhombisa ukuthi abamfuni nalapho ehambe khona uZuma njengoba kwathi uma i-ANC ilahlekelwa ngomasipala abakhulu ezweni, irandi lanyukelwa amandla. Lokhu kwatolikeka njengokuthi abatshali bezimali bathokozile ngemiphumela.

Ngaphambi kwalokho, ngo-Ephreli kunyaka ka2016, irandi lakhombisa ukuqina kulandela isinqumo seNkantolo eNkulu yasePitoli eyathola ukuthi sasingekho emthethweni, yaphinde yabuyisela eceleni isinqumo seNational Prosecuting Authority sokuhoxisa amacala angu-783 enkohlakalo nokukhwabanisa ayebheke noZuma.

Ukubonakala kukaZuma ‘enake’ kakhulu abakwaGupta, ukuqinisa ubudlelwano namazwe okubalwa iChina, iRussia kanye ne-India, ayingxenye yeBRICS, ekubeni ngakolunye uhlangothi kubukeka sengathi ufulathela ongxiwa kanye namazwe asentshonalanga, nakho sekumdalele esikhulu isigcwagcwa okaNxamalala.

Kuzokhumbuleka nokuthi phakathi kwezinye zezizathu okuthiwa zaholela ekutheni uZuma axoshe uNene, manje noGordhan, ukuthi bebengayingeni eyokuphasisa uhlelo lokuphehlwa kwamandla ngenuzi (nuclear programme) nokuthiwa luzodla itshe lemali, nalapho kunokusabela ngokuthi kuyobe sekushayela isipikili sokugcina ekufadabaleni komnotho wakuleli.

Inhlanzi isiqala ukushelwa ngamanzi kuMsholozi

Ukuphela kwento uMsholozi asebambelele kuyona njengamanje ukwesekwa akuthola ngaphakathi eqenjini elibusayo, i-ANC, kanye nokuthi iningi labavoti, ikakhulukazi emazingeni aphansi lisamuzwa ngaphakathi.

Phela isizinda sabavoti uZuma agabe ngabo (laba abasemazingeni aphansi) abanandaba nezinsolo ezishaqisayo ezihlale zibikwa ngoZuma okubalwa kuzo nezinqumo zakhe ezithathwa njengezibudedengu nezibeka engcupheni izwe. Lokhu kungenxa yokuthi abantu abasemazingeni aphansi ababoni ukuthi kubasiza ngani ukwehla nokunyuka kwamandla erandi, ukuhlelwa kabusha kwekhabhinethi kanye nokuthi obani abathola amathenda.

Kodwa-ke noma kunjalo, ethanda engathandi uMsholozi, inhlanzi ilokhu iya ngokuya ishelwa ngamanzi kuyena kanye nalabo asondelene nabo.

Kuyimanje izinto seziqalile ukugaya ngomunye umhlathi njengoba bebukeka banda labo abafuna ukuziqhelelanisa nobuholi bakhe, ikakhulukazi ngaphakathi kuKhongolose.

Amadlelandawonye e-ANC, okubalwa iSACP kanye neCosatu sebephumele obala bathi isibame emphinjeni indaba kaMengameli Zuma nendlela aphethe ngayo izwe, banxusa ukuthi ehle esikhundleni. Phela uZuma ubengaconsi phansi kulezi zinhlangano zombili kanye nakubaholi bazo, uBlade Nzimande (uNobhala weSACP) kanye noSdumo Dlamini (uMengameli weCosatu) – kodwa manje asebemjikele.

Ukubonakala weseka uZuma sekuyafana nokugembula ngekusasa lakho kwezepolitiki

Yize noma uZuma esenakho ukwesekwa ngaphakathi kuKhongolose, ikakhulukazi wuphiko lwentsha, i-ANCYL; uphiko lwabesifazane, i-ANCWL; kanjalo nezifundazwe okubalwa kuzo iKwaZulu-Natal, iMpumalanga, kanye neFree State, kodwa angeke kumsize ekunqobeni impi ephakathi kwakhe nobantu abaqhoqhobele umnotho.

 I-ANC kanye nohulumeni angeke bakwazi ukukhulisa umnotho, badale amathuba emisebenzi, baqede ukungalingani kanye nobubha ngaphandle kokwesekwa abatshali bezimali njengoba kubukeka sengathi bafisa nokubuyisa okwangayizolo (abatshali bezimali) uma beke bezwa igama elithi Zuma.

Ukuqhubeka kwakhe nokuqhoqhobala izintambo kuzodala ukuthi umnotho wezwe ugcine uguqe ngamadolo  futhi akukho angakwenza ngalokho ngoba ugabe ngamandla epolitiki kuphela, kodwa akanawo amandla ezomnotho. I-ANC namadlelandawonye ayo nabo angeke baze bavume ukuthi bazimbele igodi ngenxa nje yendoda eyodwa yaseNkandla. 

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.