INGOSI: Akekho umuntu olunge njengoJacob Zuma

2016-07-18 12:34

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Johannebsurg - Cha bandl’eliphakathi ngithi angisukume nokuncoma njengengqapheli ezigcobile la, kengincome umusa nokuzithoba kukaMongameli wakuleli ubaba uJacob Gedleyihlekisa Zuma waseNkandla KwaZulu.

Yabona impi iqalwa yinto encane. Ngikhumbula uMntwana wakwaPhindangene iNkos’ezondunswinyo eyala amaqabane ukuthi ayeke ukumchukuluza emngcofa emgcona emcokofula embiza ngoGatsha wathi – “Ngifisa umhlonishwa uZuma akhuze lezingane ziyeke ukukhuluma amagama amabi ngami nangeNkatha ngoba yiyo lento eyenza abantu badinwe bathathe izikhali bagadle”.

Ngikulento yokuthatha izikhali ugadle…yazi ngishode ngombayimbayi nesiveveve ngigasele kulo mbhemu ochazwa “Ubuntu” bukaMongameli wezwe osezakhele idumela ezimpukaneni eziluhlaza ezidla okubolile.

Lo mbhemu uphinde wadweba umdwebo ocasulayo nocokofula uMongameli omveza ekhotha izinqe zamaNdiya akoGupta.

Lento ukube ubeyenza la kuthina boNtshebe, bengiyomkhombisa unina!

Funda nalolu daba: 'Lapho sohlangana khona ngeke kumile tshani'

Ukuthathaphi ukunephuza uMongameli wezwe kanje? Uyohambe esinda ngoba iciko lakoZuma livele lizihlekele nje uma beligcona. Kungenjalo ngabe kudala esethongweni lo mbhemu, ngoba bekuyisona sikhathi sokuthi uJacob Zuma ayiphake impi qede idle abezizwe!

Impi iqalwa yinto encane, ningaze nidideke nicabange ukuthi ngiwuKhongolose kumbe ngicheme noZuma kodwa ngikhulumela isithunzi somuntu omdala, ubaba wezingane zakhe.

Lezilima zabantu abazonda uZuma zithi wenze kahle lo mbhemu ngoba ubhala iqiniso ngenkohlakalo ethinta uZuma. Inkohlakalo kaZuma isema#endeni?

Ngadinwa kwathi angibulale umuntu.

Ngakhumbula ihubo langakithi esilishaya mesekuzokhala induku elithi “inkani iqedwa yinduku, hheyani inkani ngob’inkani iqedwa yinduku, isbhamu sibulal’umuntu, baphela abantu, unecala msunguli wesibhamu”! Uyohambe esinda lo mbhemu, anomkhuza nina abangakubo ukuthi angalinge agcwanekele ngapha koNtshebe ngoba uyoyikhotha imbenge yomile!

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.