INGOSI: Angiyena umphiki-Krestu!

2017-01-03 16:03

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban - Kaningi imibono yami iyaphikisana nenkolo yobuKristu nokwenza iningi lawo amakholwa angihlonze njengomuntu ophika uKrestu.

Ngithe angithathe ithuba ngizichaze ngoba engathi baningi asebengiphe igama leSathanizimu nomdukisi ngibe ngingahlosile loko.

Ngiyazi ababaningi abantu abahluze-gelekeqe emakhanda ukuthola umqondo wezihloko ezihlaba inkolo yobuKristu engivame ukubhala ngazo. Angimphiki uNkulunkulu noJesu kanye nomqondo wokulunga nobulungiswa ofundiswa yinkolo.

Inkinga yami iqala uma sesizosebenzisa iBhayibheli njengesisekelo seZwi likaJehova nosomqulu wokholo, izimiso kanye nezinkambiso zalo ukholo.

OLUNYE UDABA: INGOSI: Kulungile baba kuphi khona, konakele makunje!

Isizathu esenza ngizwakale njengomuntu ophika uKrestu yingoba iBhayibheli lisho okunye bese abalisebenzisayo benze okunye. 

Loko kukodwa kungenza ngiphelelwe yithemba lokuthi uma uJehova engumnini-mandla wonke ehluleka ukuvikela leli”zwi” lakhe kubantu abalisebenzisa budedengu besiyini-ke thina bantu ukuzabela ubundlalifa beZulu ngalencwadi engavikelwe.

Ukuqonda kwami kuhlalula ukuba iZwi elisebhayibhelini lichemile, liyenzelela, likhetha iphela emasini, liyacwasa! Yingakho-ke njalo uma ngihlaba izinkambizo zokusindiswa kanye nobuKrestu ngivama ukucaphuna iZwi.

Angiyena umdukisi, koduka izilima ebezivele zingazazi ukuthi zimiphi.

Angihlosile ukuthi kuvalwe amabandla kukhonzwe mina, kepha ngembula izihlava ezingenza ngiwusole lomgqakazo weBhayibheli. 

Uma uJehova ayehlakaniphe kangangoba iBhayibheli limchaza wengeke abe namaphutha amangaka aqoshwe phansi eBhayibhelini.

Wonke lamaphutha aseBhayibhelini agqamisa ngokusobala ukuthi iBhayibheli labhalwa ngabantu nje ababenezinhloso zokulawula abantu nokubadidiyela ngaphansi kosiko olulodwa.

Musani ukungifunza engingakushongo, angiyena uMphiki-krestu, andiyena uSathanizimu.

Ngiwumuntu ontula ukukholwa yinsambatheka ebhalwe eBhayibhelini. Unyaka omusha nomuhle kunina nonke!


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.