INGOSI: Ayikho into entsha ngokuhlukunyezwa kwabesifazane ngabesilisa

2017-05-22 12:29

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban – Izigameko zakamuva zokuhlukunyezwa, ukudlwengulwa kanye nokubulawa kwabesifazane kanye nezingane ngesihluku kuleli seziqubule enkulu intukuthelo kanye nokukhathazeka  ngokuphepha kwembokodo kanye nendlela abaselisa abaziphatha ngayo.

Isigameko esishaqise abaningi yileso sokubulawa kanye nokushiswa kwesidumbu sentokazi uKarabo Mokoena, 22, nokusolwa ukuthi ubulewe owesilisa owabe eyisoka lakhe. Isidumbu sakhe satholakala esigangeni eLyndhurst, eGoli, ngemuva kokuthi kubikwe ukuthi udukile.

Kuphinde kwaba nesinye sigameko esinyantisayo sokubulawa kanye nokudlwengulwa izikhawu ezimbili, ngokobufakazi obethulwe enkantolo, kwentombazanyane eneminyaka emithathu nje vo ubudala, uCourtney Pieters, netholakale igqitshwe emgodini ongashoni buqamama nakubo. Kulesi sigameko kusolwa umlisa obeqashe kubo kwale ntombazanyana.  

Kuthe kusabatshazwa lokho kwaphinde kwavela udaba lokuthunjwa kanye nokudlwengulwa kowesifazane, 22, okhulelwe ngabalisa abangu-11 ngemuva kokuthi bemhudule bamfaka kwelinye lamabhilidi angasasetshenziswa eGoli. Kuthiwa laba bashintshana ngalo wesifazane bemdlwengula baphinde bamthathela umakhalekhukhwini wakhe kanye nemali.

Lokhu kuholele ekutheni kube nemikhankaso eyehlukene ezinkundleni zokuxhumana okubalwa kuyo umkhankaso ogxeka abesilisa noqubule inkulumompikiswano, i-#MenAreTrash kanjalo nowe-#NotInMyName nobuhambisana nemashi ebelibhekise e-Union Buildings ngoMgqibelo.

Isithombe esesakhekile siyabadukisa abantu

Isithombe esesakhekile kubantu abaningi ngesokuthi lezi zigameko ‘ziwumkhankaso’ wabesilisa ‘oqubuke’ manje, ngenhloso yokuhlukumeza abesifazane nezingane. Lesi akusiso neze isithombe esiyiqiniso.

Izigameko zobugebengu obehlukene, okubalwa nakho ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, ziyisikwa semihla ngemihla kuleli. Kodwa-ke iningi lazo kugcina kungabikwanga nokubikwa ngazo nokugcina sekwakha isithombe sokuthi azenzeki – nokwenza ukuthi uma sekukhona ezibikwayo abantu bathuke sengathi yinto entsha.

Umehluko ngalezi zigameko zakamuva, ikakhulukazi esikaKarabo, ukuthi zithole okukhulu ukunakwa cishe kuyo yonke imithombo emikhulu yabezindaba. Okulandele lapho ukuthi nezinye izigameko ezifuze lezi zibe sezithola ukunakwa – nokwakhe isithombe sokuthi kuyanda.

Cishe usuku nosuku kuhlale kukhona isigameko noma izigameko zokuhlukunyezwa, ukushaywa, ukudlwengulwa kanye nokubulawa ngesihluku kwabantu besifazane kuleli. Okunye okufakazela lokhu ukuthi ezinkantolo ezahlukene zakuleli kuhlale kugwetshwa abantu abalahlwe amacala okuhlukumeza, ukudlwengula kanye nokubulala abantu besifazane.

Iningi lezigameko okubikwa ngazo kwabezindaba yilezo eziyingcosana ezisuke zibikwe amaphoyiseni. Nakhona futhi amaphoyisa ayazisefa izigameko abikela ngazo abezindaba. Ngokujwayelekile ayaye athumele izitatimende kwabezindaba ngezigameko lapho okusuke sekunomsolwa noma abasolwa ababoshiwe khona kuzokwakheka isithombe sokuthi amaphoyisa ‘asebenza kanzima’ futhi ‘ayayinqoba’ impi yobugebengu.

Ngenxa yalokhu, inqwaba yamacala avulwa cishe ihora nehora eziteshini zamaphosa umphakathi ugcina ungazwanga lutho ngawo kwazise kusuke kungekho mnyakazo owenzekayo ngawo. Kodwa-ke phela kuyaziwa ukuthi abakwaSidlodlo abafuni kuthiwe abenzi lutho, njengoba behlale besho bethi ‘basaphenya’ futhi ‘basebenza ubusuku nemini’ noma ‘basezithendeni zabasolwa’.

Abantu sebelahle ithemba ngengalo yomthetho

Kangakanani-ke inqwaba yamacala izisulu ezingawabiki emaphoyiseni ngenxa yokuthi kunenqwaba yabantu abangasawathembi nhlobo amaphoyisa kanye nengalo yomthetho? Abanye basola wona amaphoyisa ngokuthi avele abashaye indiva, angafuni kwakuvula amacala.

Njengokujwayelekile, osopolitiki kanye nezikhulu zikahulumeni baye bangafuni ukusala ngaphandle uma kunezigameko eziye zagqama kwabezindaba. Nabo ubezwa sebekhuza bebabaza, bekhipha izitatimende, baze bahambele imindeni yezisulu kanye nemingcwabo.

Ezinye nje izinto ezikushiya udidekile ngezikhulu zikahulumeni ukuthi bakhetha kanjani ukuthi yimiphi imindeni yezisulu okumele ivakashelwe, kuhanjelwe imingwabo yazo iphinde ingcwatshelwe.

Ukuphi umehluko phakathi komuntu oshone ngesihluku kodwa kwangabikwa ngaye ezindabeni, kanye nomuntu oshone ngesihluku kwase kwabikwa ngaye ezindabeni? Noma vele ingoba basuke sebazi ukuthi kuzobe kukhona amakhamera abezindaba?

Kufana nse ‘nezingozi zePhasika’ noma ‘izingozi zikaKhisimusi’

Isibonelo nje esicace bha salesi sithombe esesakhekile ‘ngokwanda’ kwezigameko zokuhlaselwa kwabesifazane, yisithombe esihlale sakhiwa minyaka yonke kuleli sokuthi kuba nezingozi eziningi uma ngabe kungamaholidi kaKhisimusi kanye namaholidi ePhasika. Kodwa akunjalo.

Iqiniso ukuthi abezindaba bayaye bagxile kakhulu kokwenzeka emigwaqeni ngalezi zikhathi ngoba baningi abantu abasuke bevakasha noma begoduka. Ngaphezu kwalokho vele zisuke zincane kakhulu, uma zikhona, ezinye izinto abezindaba abasuke bengabika ngazo ngenxa yokuthi izinto eziningi zisuke zimile ngoba kungamaholidi.

Awuzibuze nje ukuthi ezingozini osuwake wazibonela ngawakho,  ezinyantisa igazi nokugcina kulahleke imiphefumulo kuzona, zingaki kuzona ezaphuma ezindabeni zikamabonakude? Kodwa akungatshazwa ukuthi uma ngase yonke imithombo yezindaba igxile ezingozini usuku nosuku kungagcina sekunamamashi nemikhankaso, uzwe izikhulu zikahulumeni sezithi akushaywe imithetho emisha.

Kungani? Yingoba isithombe esizobe sesakhekile emiqondweni yabantu ngesokuthi ziyanda izingozi.

Kulabo asebeqale imikhankaso yokukhuza noma ukulwisana nokuhlukunyezwa kwabesifazane kanye nezingane mhlawumbe bekungathela izithelo uma umkhankaso wabo uzoba yinto yansuku zonke, kungabi nje yinto yosuku olulodwa phambi kwamakhamera.

Akungafani nezivimbamgwaqo lezi eziba mandla ngePhasika nongamaholidi kaKhisimusi - kuze kuphume nongqongqoshe emahhovisi. Lezi moto ezihlale ziboshwa ngamaPhasika yizo kanye lezi ezihlale zizicanasela nsuku zonke, ezinye zazo zize zikhiphe imiphefumulo – azingeni emigwaqeni ngePhasika kuphela. 

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.




NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.