INGOSI: Bamsulwa abaholi bethu yithi esikhohlakele!

2017-06-14 16:02

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban - Ngaphinda ngagadla emanxebeni kwabanokuzwela bazothunukala, njengengqapheli ezigcobile iNtshebemnandi kwabayidlayo ngithi angivuse labomcombololo abalokhu njalo bekhala ngenkohlakalo kubaholi bethu, ikakhulukazi kwezombusazwe.

Abaholi bethu bezombusazwe balunge kabi kepha boniwa yithi. Kaningi ngizwa kukhalwa ngenkohlakalo kodwa angibaboni abantu abaphila impilo engenakho ukukhohlakala. Baphi kanti la bantu abalungile abamsulwa okumele besihole noma silindele ukuthi behle ezulwini njengeMana?

Uma uMengameli wezwe ubaba uJacob Zuma ekhohlakele usengabhubhisa izwe lonke alihudule ayolifaka esihlathini yedwa qwaba? Ngeke? Baphi abantu abalungile abaphila impilo yokulunga baziveze behlulwa yindoda eyodwa!

Ayikho le nto yokuthi abaholi bakhohlakele, empeleni abantu abakhohlakele ngumphakathi ovotela izikhohlakali ezikhundleni ezinqala zokuhola izwe ebese ukhala kuqala mekuqhuma ushodi. Bonke labaholi bakhuliswe kulemiphakathi esiphila kuyo, bafunde kuzo lezikole ezikhona la, bahamba amabandla anamasonto afanayo  nabobonke abantu. Bakufundephi, nini pho ukukhohlakala?

OLUNYE UDABA: 'Kucacile ukuthi uMaimane uyisicashalala sikaZille

Umphakathi yiwona owonakele hhayi abaholi, ebese belokhu bebhecwa ngobende inyama bengayidlanga. Kaningi banukwa ngokudla izimali nokuchema. Bafakwe ubani kulezikhundla, abafakwanga yivoti? Yini pho kungathi mabenihlupha nibakhiphe futhi ngalo ivoti.

Kuyoba nini sicefezelwa ngenkohlakalo kubengathi kukhohlakele abaholi kanti konakele bona abavoti qobo! Uboba yithina nje boNtshebe ekade sayibona le nto ukuthi osopolitiki bayefana ngakho asisazixaki ngokuvota. Ungezwa bengcofana bekhombana izici ujabule uthi engathi ungcono lo, kanti wemameh – bathi lala lulaza sizokwengula!

Umuntu ofanelwe ukukhala ngenkohlakalo ngumuntu ongavotanga futhi ongavoti nhlobo ozokhala ngelithi baze basiyala abavotayo bafaka lo mhlola womholi esikhundleni.

Kuyosisiza ukuthi sizinuke thina amakhwapha ngabaholi esibakhethile ngoba yithi esiqasha izigebengu sithi azisiphathe kuthi uma sezisigebenga sikhale kakhulu futhi!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.