INGOSI: Baningi asebezifunela ukubukwa ngolweSassa nemali yesibonelelo

2017-03-08 11:02

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban – Inzukazikeyi yodaba oluthinta uhlaka olubhekelele ukuholelwa kwabantu isibonelelo sikahulumeni, iSouth African Social Security Agency (Sassa) kanye nenkampani ehlinzeka noma ezohlinzeka ngomsebenzi wokuholelwa kwalabo abahlomulayo isivele yaphendulwa ibhola lezepolitiki.

Lokhu kungenxa yongabazane olukhona noma obelukhona mayelana nokuthi uSassa uzokhona yini ukuqinisekisa ukuthi abantu ababalelwa ku-17million bayaholelwa isibonelelo sikahulumeni ngomhlaka-1 ku-Ephreli 2017.

Lokhu kulandela ukuthi iNkantolo yoMthethosisekelo yanquma ngonyaka ka-2014 ukuthi isivumelwano esiphakakathi kukaSassa nenkampani eyanikwa ithenda yokuholela abantu, iCash Paymaster Services (CPS) asikho emthethweni. Lesi sivumelwano siyaphela ngomhlaka-31 kuMashi 2017.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, uBathabile Dlamini, kanye noMengameli Jacob Zuma sebekusho kaningi ukuthi kumnyama kubomvu abahola impesheni bazolala beyibambile ngomhlaka-1 ku-Ephreli, njengenjwayelo.

U-Sassa ususayine isivumelwano esisha neCPS

NgoMsombuluko, uMnyango udalule ukuthi uSassa ususayine isivumelwano esisha nawo futhi u-CPS, nesizoqinisekisa ukuthi abantu bayaholelwa ngomhlaka-1 ku-Ephreli.

Yize noma uNgqongqoshe kungekho imininingwane ayikhiphile ngalesi sivumelwano, kodwa awukwazi ukumphikisa uma ethi abantu bazohola nakanjani ngomhlaka-1, ikhona inkontileka noma ingekho.  

Sekucacile vele ukuthi baningi abafisayo ukuthi izinto zingahambi ngohlelo ngomhlaka-1 khona bezothola ithambo abazogiya ngalo, bezenza abantu abakhathalele kakhulu abantu abahola lesi sibonelelo ekubeni bengenandaba nabo.

Sikuphi ngempela isidingo sokuthi kube nomsindo ongaka ngoba nje kuqagulwa ukuthi abantu bangase bangaholi? Njengoba uMnyango uthi abantu bazoholelwa nakanjani ngosuku lomholo bekungagcono kulindwe lona lolu suku ukuze kubonakale ukuthi bayakwenza yini abakuthembisile noma cha, ukuze bezohlulelwa ngokwenzekile, hhayi okuqagulwa ukuthi kuzokwenzeka.

Okuqaphelekayo la ukuthi lo msindo ongaka ngokuthi abantu bangase bangaholelwa awubangwa yilabantu abahola le mali yesibonelelo, kodwa ubangwa kakhulu yilabo abakude nale mali yesibonelelo.

Into ebangwayo ukuthi ubani uzodla

Into ebangwayo kakhulu la ukuthi ubani okumele adle kule thenda okuthiwa ikhokha imali eshisiwe bese kuba yimpi yezepolitiki.

UNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan usanda kuncoma ukuthi lo msebenzi wokuholela imali yesibonelelo unikwe amabhange akuleli. Lokhu kuthathwa ngabanye njengokuzisikela kwelinonile kuNgqongqoshe ikakhulukazi njengoba ehlale esolwa ngokuthi unamasheya okungenani kumabhange amane athathwa njengamakhulu kuleli.

Ngakolunye uhlangothi inkampani eyathola leli qatha lokuholela ngesibonelelo (i-CPS)  isesembangweni nenkampani eyagcina ikhale ngaphansi embangweni wale thenda.

Muva nje sekuvele izinsolo zokuthi njengoba bekungacaci nje ukuthi iyiphi inkampani ezonikwa lo msebenzi yingoba sekucuthe umndeni ongomacaphuna kusale nosolwa ngokulawula uMbuso, abakwaGupta, ngokuthi yiwona ozogcina ugixabezwe ngaleli thenda ngomzuzu wokugcina.

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mndeni kuthiwa ungabangani noMengameli Zuma, kanti kuthiwa usebenzisa lobu budlelwano ukuze uzenzele umathanda ezindabeni ezithinta uhulumeni.

Kule yokudlalwa kwepolitiki kunzima nokubasola labo abagadla kuNgqongqoshe uBathabile Dlamini ngenxa yokuthi abanye bakhala ngokuthi ubonakala kakhulu ematasa ezindabeni ezithinta iqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC) kanye nombango wokuthi ubani ozoba ngumengameli wayo olandelayo, njengoba ephinde abe nguMengameli we-ANC Women’s League (ANCWL), okunokuthi abonakale egxila ezindabeni zoMnyango.

UNgqongqoshe ungene wagamanxa embangweni wobuholi be-ANC

Abanye bazokhumbula ukuthi kulezi zinsuku ungomunye wabantu abahlale bekhuzwa bekhuziwe ngokuthi abame kancane ukumemezela igama lomuntu abameseka ukuthi athathe izintambo kuMengameli Zuma njengoMengameli olandelayo kaKhongolose engqungqutheleni yokukhetha ubuholi baleli qembu ezokube ingoDisemba kuwo lo nyaka.

Zikhona-ke nezinye izinto uNgqongqoshe angahlulelwa ngazo okubalwa kuzo isinqumo senkantolo eyathola ukuthi asikho emthethweni isivumelwano phakathi kwaSassa noCPS kanjalo nendlela abonakala esingatha ngayo lolu daba, okubalwa nokuhluthukelwa kwakhe umoya esithangamini nabezindaba ngesikhathi izintatheli zimpheka ngobhojwana.

Kungani kungasuki umsindo ngezinto ezihlupha abantu?

Uma kungukuthi ngempela lo msindo ongaka owokukhathalela la bantu abahola isibonelelo sikahulumeni, kungani pho kungakaze kubangwe umsindo ngokuthi izalukwazi namakhehla zihlale ziqolwa imali yazo nyanga zonke zikhokhiswa izinto ezingaziqondi nokuthi ziyini, izikweletu ezingapheli. I-CPS nayo isolwa ngokuba nesandla kulokhu. Lena yinto ethinta ngqo abantu abahola imali yesibonelelo.

Iqiniso ukuthi abantu abahola le mali abandaba bona nokuthi iyiphi inkampani ezonikwa ithenda yokubaholela kanye nokuthi imali izofika ngamaloli yini noma ngamabhanoyi – into abayifunayo nje ukulala beyitholile imali yabo njengenjwayelo.

Okunye okuqhatha uDlamini neziqandu ukuthi kuyaziwa ukuthi weseka kakhulu uMengameli Jacob Zuma kanye noNkosazana Dlamini-Zuma ukuthi athathe izintambo njengoMengameli olandelayo we-ANC. Manje lokhu sekumdalele amazinyo abushelelezi ngaphaphakathi kumadlelandawonye e-ANC, njengoba kunokuhlukana phakathi, kanye nalabo abangaphandle kwe-ANC abangamfuni nokumbona uZuma.

Kusuka manje kubhekwe kumhlaka-1 Ephreli baningi abazolokhu befuna ukuzigqamisa ngalolu daba lakwaSassa nesibonelelo sikahulumeni ukuze bacoshe amaphuzu ezepolitiki, kanti abanye bazilwela izimpi zabo ezikude kakhulu nabantu abahluphekayo.

Iqiniso ukuthi akumsizi ngalutho umuntu ozihluphekelayo ukuthi iyiphi inkampani ethole noma ezothola ithenda yakaSassa, lolu wudaba lwabantu abangomacaphuna kusale abazilwela izimpi zabo, kodwa selenziwe lwabukeka njengokulwelwa kwabantu abahluphekayo.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.