INGOSI: Haibo njalo mam’ Dudu ‘Lady D’ Khoza, musa ukungichaza kangaka!

2016-11-04 13:30

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban – Akuve kunzima ukuthola umsakazi one-staying power nofika angene athi khaxa noma yikusiphi isimo esisuke sikhona ngaleso sikhathi.

Uke uthi ulalela umsakazo uvele ucikeke nje umsakazi esakhulume igama elilodwa bese ukulufa inkinobho udlulele phambili.

Kungihlaba umxhwele lokhu okukamama uLady D ngoba ungumsakazi “ongamani emphinjeni” uyathandeka, usho ngephimbo lakhe elimtoti elifana nesiphuzo esehla kamnandi emphinjeni.

Intobeko

Uthobekile, uyazithanda, ukelemile – empeleni uyikho konke okudingekayo kumsakazi.

Ungamnikeza u-DJ Tira noma la bafana abancane abafikayo emculweni ukuba abe nengxoxo nabo, uzofike angene athi khaxa engxoxweni.

Ulethe oMama bamaJukujuku uzofike abe sesigabeni esisodwa nabo ungasezwa nokuthi ubani ongumsakazi phakathi kwabo.

Ngikhuluma mina ngoLady D okwazi ukuxhumana ngomoya nabalaleli, uma kujatshulwe uzwa ngezwi lakhe noma futhi kukhalwa uzwa ngokuthobeka kwalo.

ULady D usebenzisa amaphiko oKhozi FM ukufinyelela komama bephansi emasimini belima, aze ababuze nokuthi batshalani, bamlalele bekuphi noma badleni.

Uyamuzwa futhi ukuthi uma ebuza le mibuzo akenzeli ukuchitha isikhathi, kepha usuke ebuza ngoba efuna ukwazi okwangempela.

Imfudumalo

Uyakwazi ukubaluleka komlaleli ngamunye, akukhathaleki ukuliphi izinga lempilo.

Ngiyafisa sengathi abasakazi bamanje bangasika iphethini kuLady D ngokungabaphakameli abalaleli, bakhumbule ukuthi yibo abaqashi babo abakhulu.

Uhlelo lukaLady D lunaleya ntokomalo engachazeki njalo uma ululalele.

Ngiyambongela uBab’ uKhoza nabantwana ngokuthola lesi sikhukhukazi ngoba hhayi impela akubuzwa ukuthi ikhaya lifudumele.

Uyabonakala umuntu onobizo kanjalo nalowo osuke egcina icala kumbe esuke ezizamela amasenti emsebenzini awenzayo.

Phambili ngoLady D!

Qhubeka mama usihloniphe, usazise, usihlanganise, usinike ithemba, ukhale nathi ebubini uphinde ujabule nathi ebuhleni.

Iyathandeka into oyenzayo futhi iyahaleleka.

Mhla wathatha umhlalaphansi wayophithizela empeshenini, uKhozi nabalaleli bayogqemeka engeqiwa ntwala.

Uma ngingabala konke okuhle okwenzayo kungashona ilanga!

Angisho ukuthi awunawo amaphutha, engikushoyo nje ukuthi okuhle okwenzayo yikho okugqamile.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.