INGOSI: IBhayibheli yisikhali sobandlululo

2016-07-07 10:00

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban - Ungezwa bekhuluma oshakarabakhandababa kodwa bacaphuna labethanda khona ebhayibhelini.

IBhayibheli kuphela kwencwadi engcwele ehlonza ubuNkulunkulu obucheme nesizwe esithile kanye nobugqila nenzuzo yobugqila.

Kuthangana nje kunyakaze izwe ngenxa yokuthi isalukazana somlungu sabiza abantu abamnyama ngezinkawu. Gwiqiqi, zolo lokhu umfundisi waseSandton eGoli ucashunwe eshumayela yona lento yobandlululo nezigqila, ethi uJehova waletha abelungu ukuthi bezogqilaza abantu abamyama. Ngoba le mpilo yobugqila igunyaziwe yiBhayibheli.

Nangu omunye umlungu, usebenzisa lona iBhayibheli uthi akukho emthethwni weBhayibheli ukuhlanganiswa kwabantu abamnyama nabamhlophe.

Kwasuka esinamathambo kubantu abamnyama abangogaxekile abathanda ukunaka izinto ezingathi shu.

Yini ecasula abantu abamnyama ngobandlululo ngoba lubhalwe ebhayibhelini? Lisho njalo ibhayibheli! (funda uNehemiya 13, Deuteronomy 23:2, Leviticus 19:19, Acts 10:28, James 2:2-4) Licacisa bha ukuthi izinhlanga mazingahlanganiswa ngoba lokho kuyazikhondamisa ziphelelwe amandla, ukuzazi nokuzigqaja!

Funda nalolu daba: 'Uncishwelani umuntu ilungelo lakhe ngoba esethule?'

Lithi iBhayibheli laphaya kuNehemiya  13 ivesi 23 kuya ku-31 lithi labo abakhuluma izilimu zabezizwe kanye nabaganwa ngaphandle (ukuxutshwa kwezizwe) baphula umthetho njengoSolomoni owabulawa ngenxa yokuthanda abafazi bezizwe!

Kodwa uma abazalwane sebevukwe ubuphixiphixi bathatha izingane zabo ziyofunda esilungwini ziveteze isiNgisi zigcine sezishela ziqomana nabelungu nabezizwe.

Bese bekhala ubungqayi-ngqayi uma amabhunu ethi awanandawo yabantu abamnyama (Sodwana Bay) kumbe sebethi abantu abamnyama badalelwe ukuba yizigqila zabelungu – becaphuna kulona belu iBhayibheli.

Bakhala kangaka nje abantu abamnyama yingoba bayizincelebane zayo yonke into ethi mlungu, konke abakwenzayo kunenhlese yomlungu phakathi, ukudla, ukugqoka, ukukhuluma, imizi eyakhiwayo nenkolo sekukhonzwa lo Jehova waseBhayibhelini.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.