INGOSI: 'Inhloso yamaqembu aphikisayo ukudala uqhekeko nokungabekezelelani'

2017-02-10 11:01

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban - Isiphenduke insalavukela umchilo wesidwaba indaba yamalungu amaqembu aphikisayo ePhalamende asusa uthuthuva njalo uma uMengameli Jacob Zuma ezokwethula inkulumo yakhe.

Njengoba iphalamende lakuleli kanye nezwe lonkana seliphenduke inhlekisa emhlabeni wonke-jikelele, silungiswa kanjani lesi simo? Sisibuyisa kanjani isithunzi sethu njengesizwe?

Ngabe lokho okwenzeka ephalamende yindlela yamaqembu aphikisayo okudala uqhekeko nokungabekezelelani ukuze umnotho uzoba ntekenteke bese besola uhulumeni obusayo?

Ithi ingadla ithambo yejwayele!

Amalungu e-EFF abemi ngezinyawo eseka uMbuyiseni Ndlozi obelokhu egadla engaqedi kuMengameli Zuma kwaze kwadingeka ukuba uSomlomo uBaleka Mbete noThandi Modise babize onogada bakhiphe amalungu aleli qembu.

Amalungu ale nhlangano abalokhu elwe njalo nonogada nokuyinto ethathe cishe ihora lonke besola uMengameli njengomuntu ongafanelekile ukuba sePhalamende njengoba iNkantolo yoMthethosisekelo yamthola enecala lokungazigcini izifungo azenza engena esikhundleni sokuba ngumengameli.

Ngabe yilokhu esingakulindela kubaholi bethu bangomuso, udlame, ukuklwebhana kanye nokungalawuleki ngaso sonke isikhathi?

Asikaze sawubona kahle umsebenzi we-EFF ngaphandle kokumemeza into engapheli ePhalamende.

Sizolethemba kanjani iqembu elinabaholi abahluleka ukuzilawula bona, bazolihola baliphathe kanjani izwe ngoba sonke siyazi ukuthi inxele kalikaze lawuhola umuzi?

Amaphikankani afela enkanini!

Kubuhlungu ukuba namagqubu uma azokwenza ungalawuleki ngale ndlela.

Ukuziphatha kukaJulius Malema kuyabonakala ukuthi kuhambisana kakhulu namagqubu anawo ngoZuma kanye ne-ANC yonkana.

Ayikho inkinga ngokuthi akhiphe izimfihlo azaziyo nge-ANC kanye nomholi wayo, kodwa ukubambelela ezintweni ezakhubaza umoya ngisho usunelakho iqembu kumenza abukeke njengomholi ongathembekile.

Njengoba uZuma esephelelwa yisikhathi njengomholi we-ANC, uMalema usazoqhubeka namagqubu akhe awabhekise kuZuma?

Uzokwenzenjani uma abaholi be-ANC ngaleso sikhathi bethi bacela umhlangano naye ngenhloso yokuthi abuye ekhaya?

Ngabe konke lokhu okwenzeka ePhalamende kwenzeka ngoba i-EFF ifuna ngempela uZuma ehle esikhundleni noma kuvuka amagqubu akudala?

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.