INGOSI: Iyinkinga indaba yendoda "eqeda" umdlalo ungakaqali

2018-04-07 15:19

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

eThekwini - Ayikho into eqeda isineke kumuntu wesimame ukudlula indoda esheshayo ukuchama, angibali-ke uma nenduku incane.

Umuntu ohlezi evusa imizwa yakho ngamazwi, ekutshela ngendlela akuthanda ngayo nafisa ngayo ukuthi abenawe, eyi ngoba indlu yegagu iyanetha.

Yazi uthembe nawe ungumuntu wesimame ukuthi cha ngempela isithandwa sakho siwulolu hlobo olukhethekile lwendoda, inobuciko bokukhuluma nokusho kona ukuthi impela izenzo zayo zihambisana nakho lokhu kanti weee!

Hawu uthi ungakaqali umdlalo ngakuwena, kuye usuyophela.

Njani? Uyakuwotawota, uyakupansa, ukuqabula kamnandi akusondeze eduze, ethi efika nje...do.

Umuzwe umuntu ekwehlela kuqala ebala inyongo ebala umkhuhlane abale lokhu nalokhuya.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Akekho ongazi ukuthi "ondukencane" bayayidedela imali

Cha nawe bandla ucabange ukuthi vele uma ningakajwayelani kahle nesithandwa sakho kusangenzeka ukuthi nobabili besenilangazelele kakhulu yingakho kusheshe kwaphela umdlalo.

Nithi niyazama futhi nangelinye ilanga kuvele kube yinto efanayo.

Kuvele kube buhlungu kakhulu uma ephethe utoto.

Umuntu umuzwe ehevuzela phezu kwakho ungazi nokuthi wenzani, ulokhu uzwa into ekukitazayo ucabanga ukuthi usayidlalisa ngaphandle kanti usephelele khona lapho.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.