INGOSI: Kucacile ukuthi uMaimane uyisicashalala sikaZille

2017-06-13 14:01

Durban  - UHelen Zille wabhala ezinkundleni zokuxhumana ezwakalisa ukuthi akukhona konke okubi okwashiywa wuhulumeni wengcindezelo, nokuyinto eyacasula abaningi.

Akagcinanga lapho kodwa waqhubeka nokuthi abantu abacabanga ukuthi umbuso wontamolukhuni awunakho okuhle owakwenza, ngabe bacabanga ukuthi bebezoyitholaphi inqubo yezomthetho kanye nengqalasizinda yezokuthutha ehlelekile kanye namanzi atholakala kalula ehamba ngamapayipi?

Konke lokhu kukhuluma kwakhe wathi uyakumela futhi ngeke asatshiswe abantu ngoba uyazazi izizathu zakhe zokukhuluma kanjena.

Gwiqiqi useyaxolisa, uxolisela ukuthi kube njani?

Yini ngempela ayixolisayo uHelen, uxolisela ukuthi wabhala lokhu akubhala noma uxolisela ukuthi akubhala akuhlalanga kahle kubantu noma uxolisa ngoba nakhu kuthiwe akaxolise?

Yini ayixolisayo? Ngalokhu kuxolisa kwakhe kusho ukuthi usenovalo ngalokhu akusho noma uyenza nje?

OLUNYE UDABA:Ngiyaxolisa kakhulu, kusho uHelen Zille

Uqinisile lowo okhulumela i-ANC, uZizi Kodwa, uma ethi kuyacaca ukuthi uMmusi Maimane ufudumeza isihlalo sikaZille, akayilutho kuleli qembu, kodwa umholi wangempela nguZille futhi leli qembu libonisa ngokusobala ukuthi ngeke likwazi ukulaxaza umholi walo wangempela.

Impela uMaimane usidayisile singabantu abamnyama futhi wabonisa ngokusobala ukuthi akayazi nengcindezi ebhekene nabantu abansundu kuleli.

Kodwa ngimane ngiyasho nje, uzozazi kanjani izingqinamba zabantu abamnyama egane umlungu. Kuyacaca ukuthi uyena oganile, nakhu uhluleka ukuthatha izinqumo eziphusile ku-DA, uyisehluleki sendoda esingakwazi ukushaya phansi ngonyawo. Singamethemba kanjani ukuthi uyakwazi ke nje ukuthatha izinqumo emzini wakhe.

Wake wayizwa kuphi indaba yokuthi umuntu uzoxoshwa esigungwini esithatha izinqumo eqenjini kodwa futhi uzoqhubeka ngokuba wuNdunankulu wesifundazwe? Kanti oNdunankulu abazithathi yini izinqumo? Uzothathela bani izinqumo engasavumelekile ukuba athathe izinqumo eqenjini okuyilo eliphethe isifundazwe?

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.