INGOSI: Ngabe amaphepha esintu anesandla ekudaleni uqhekeko kuMaskandi?

2017-06-07 12:33

Durban - Kuthe cwaka kumaphephandaba esintu ngokwenziwe wumculi kaMaskandi uMthandeni 'IGcokama Elisha' Manqele kanti lokhu sekwenza abalandeli bomculo kaMaskandi babe nemibuzo eminingi.

Ngabe wumona ngempumelelo kaMthandeni? Ngabe amaphephandaba esintu ngeke esamxhasa lo mculi ngenxa yesenzo sakhe sokushaya intatheli? Ngabe kudala yaqala lento yokucindezela lo mculi kubhalwe okubi ngaye kodwa kungavezwa okuhle?

Ngale mpelasonto abaculi abathathu bakaMaskandi uDSD, uKhuzani kanye neGcokama Elisha bebehambele edolobheni laseThekwini beyohlanganyela nabalandeli babo ngezinhloso ezahlukene.

NgoMgqibelo, uKhangelani "DSD" Mhlongo ubevakashele emsakazweni uKhozi FM enengxoxo ohlelweni lomculo wesintu - wasuka lapho wahlanganyela nabalandeli bakhe eWorkshop.

IGcokama Elisha lona  liqophe umlando ngokuvakashela izifundazwe ezimbili eGauteng nakwaZulu-Natal liyokwethula icwecwe lalo elisha, i-Thousand.

Ngesonto uKhuzani 'iNdlamlenze' Mpungose naye ubehlanganyele nabalandeli bakhe ngeSonto eWorshop eThekwini.

Abantu baphume bagcwala inkaba yedolobha bezobona la maqhawe nokuholele ekuphazamisekeni kokusebenza kule nxanxathela yezitolo.

Umlandeli kaMaskandi uSnegugu Mpofana uthathele ezinkundleni zokuxhumana ezwakalisa ukudangala ngokwenziwe ngamaphephandaba esiZulu kule mpelasonto.

OLUNYE UDABA:IBhova Lenkani lithi hlala ulindele ubugagu baseMadletsheni

Lo mlandeli uthe: "Okwenziwe ngamaphephandaba esiZulu kule mpelasonto kutshengisa inzondo nomona onzima ngempumelelo kaMathandeni.

Babodwa abakholwa wukuthi lawa maphephandaba awabhalanga ngokwenzeke ngempelasonto ngoba kungekho okubi okwenziwe wuMthandeni.

Kuyaziwa ukuthi lo mculi wagcina ukugcwala emaphepheni ngemuva kwesenzo sakhe sokushaya intatheli yephephandaba iLanga uMthobisi Sithole.

Abahleli bephephandaba iLanga bazwakalisa ukuthi bazomthathela izinyathelo zomthetho lo mculi ngoba akukho semthathweni ukuhlaselwa kwezintatheli.

Lokhu kwafakazelwa abahleli bamanye amaphephandaba kanye nenhlangano yabahleli ngokuthi akukho semthethweni ukuhlaselwa kwezintatheli.

Ngabe amaphephandaba asemdubile lo mculi? 

Ngabe lokhu kwenza kufakazela izinsolo zakhe lo mculi nabalandeli bakamaskandi ngokuthi abashicileli bayathanda ukuqhakambisa izindaba ezimbi ezenziwa ngabaculi kodwa abakwazi ukubika ngokuhle okwenzekayo.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.