INGOSI: Ngabe kuyakusiza na ukuthakatha umfazi waleyo ndoda othandana nayo

2018-01-12 18:06

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

eThekwini - Uyahlupha umuntu ozifaka esimweni esinzima azi, bese efuna ukusijika ngenkani ukuze sivune yena.

Kwenziwa yini ukuthi abanye abantu bangakwazi ukwamukela ukuthi okubi okwenza komunye umuntu, kuyabuyela kuwena, futhi kubuyela kuwena sekuphindiwe.

Okukuqala, ukungena othandweni nowesilisa oganiwe, kuwubuwula.

Yebo abanye abantu besimame bazokutshela ukuthi bangena kulobu budlelwane ngoba sebekhathele ukwenziwa iziphukuphuku, ingcono indoda eganiwe ngoba ikutshela iqiniso futhi ayikunamatheli ngokweqile.

Uyazi ukuthi uyibona ngalesi sikhathi, bese uthola inkululeko yakho yokwenza izinto ozithandayo.

Leyo ndoda ngeke ifune okungaphezu kwamandla akho ngoba isikhathi asiyivumeli, kodwa futhi ikwenzela konke okudingayo.

Yize kunjalo, ukukhula kothando kwenza zande nezidingo zakho futhi kwenza ufise okungale kwalokhu okutholayo.

Uthi usuyibona impatho yale ndoda, uthando analo ezinganeni zakho, indlela akuhlonipha ngayo nakweseka ngayo kukho konke okwenzayo.

Usufuna ukuthi igxile kuwena. Inamathele kuwena njengoba usunemizwa ongasakwazi ukuyilawula.

Pho ngoba ungene kulobu budlelwane wazi kahle ukuthi ukhona unkosikazi, futhi yakubeka kwacaca indoda ukuthi iyamthanda umkayo futhi ayizimisele ngokumshiya.

Ukuthi abahlali ndawonye nomkakhe ngenxa yezimo ezithile, lokho akwanze ukuthi indoda iphelelwe wuthando lwakhe.

Yakhokha lapha, futhi kayizange ikhokhe ngoba inemali yokudlala, kodwa yakhokha ngoba ilibona iphakade layo kumkayo.

Yebo ikushelile, phela kuyiqiniso ukuthi indlala yindlala, futhi ikutshele iqiniso ngomkayo ukuze wazi ukuthi akukho okungale okuzovela Phakathi kwenu nobabili ngaphandle kokuthi nisizane.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Hlukana nocingo lwendoda

Uyayisiza uma ifuna ukuzikhulula, nayo iyakusisa ngokukunika imali ukhokhele izindleko nezidingo zayo.

Ukuthi inempatho, nothando, kubeke eceleni lokho, ngoba akuguquli isivumelwano eninaso.

Pho usugajwe wuthando usubona kungcono ugqilaze ingane yabantu engakwazi nokukwazi.

Ucabanga ukuthi ukuthakatha umkakhe, umthumele ngezilwane, umdlise, kuzokwenza indoda ikuthande kakhulu.

Ngabe lezi ozezanzayo zokubulala ingane yabantu ukuze ujabule, kuzokuvulela izinhlanhla empilweni yakho?

Yebo uzoyithakatha ingane yabantu, uyidlise indoda ukuze ithande wena, kodw okungapheli kuyahlola.

Uthando lokwakhiwa luphela kabi, futhi luphela lapho usucabanga ukuthi usungu-ngqo.

Uthando lomuthi luhlezi luphelezelwa amashwa.

Ungajabula okwanamhlanje ngoba uthi uyitholile indoda, kodwa akukho zinyane lemvubu ladliwa zigwenya kwacweba isiziba!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.