INGOSI: Nge-Speech esisodwa nje kanye nama-jog ambalwa uRamaphosa useyintandokazi?

2018-02-20 18:00

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban – Ipolitiki iyadida yingakho kuthiwa kakuyona ekawonkewonke ngoba uma ungayiqondi kahle ungagcina usuwenza izinto eziphambana nohlelo.

Nginesiqiniseko sokuthi baningi abangakuqondi ukuthi zisho ukuthini izinguquko ezisanda kwenzeka kwi-African National Congress, kodwa bajabulela nje ukuthi kuketulwe uJacob Zuma kwangena uCyril Ramaphosa esikhundleni sakhe.

Kuhle nalokho futhi ngoba uMthethosisekelo wakuleli usinikeza igunya lokuzikhethela ngokukhululeka kanjalo nokuzwakalisa imibono yethu ngendlela esithanda ngayo.

URamaphosa, ongumholi kaKhongolose okhethwe engqungqutheleni yenhlangano ngoDisemba, ugcotshwe njengoMengameli wezwe ngoLwesine.

Nakhu-ke la engifike ngidideke khona; abantu sebencoma amagalelo kaRamaphosa basho nokuthi ziningi izinguquko ezizoza nohulumeni wakhe.

Kanjani manje umuntu ekade ekhethwa zolo lokhu kodwa seniyabona ukuthi uzokwazi ukwenza umsebenzi abanye okubathathe iminyaka ukuwenza?

OLUNYE UDABA: INGOSI: Haibo njalo mam’ Dudu ‘Lady D’ Khoza, musa ukungichaza kangaka!

Kanti ukuphatha izwe lokhu sekwafana nokudlala amagenda yini? Abantu baseNingizimu Afrika bangothathekile ngale ndlela exakile. Akukwazi ukuthi uRamaphosa angethula inkulumo ebhekiswe esizweni – eyodwa nje vo – bese sesimthanda le nto exakayo!

Asisamnikezi noma yinyanga-ke okungenani sibone ukuthi konke lokhu abekuthembisa izakhamuzi uyakufeza yini?

Ungizwe kahle, angimelene nokuthi kuthandwe uRamaphosa, kepha ngimelene nokugagamela engikubonile kwenzeka. Ngempela, ngempela eNingizimu Afrika singothathekile ngale ndlela yokuthi umuntu uzokhuluma kube kanye, azivocavoce nomphakathi izikhawu ezimbalwa bese thina sesibona ukuthi ulungele ukuphatha izwe? Kahleni bo!

Ukugagamela nokuba ngamathatha yikhona okungase kusibeke enkingeni ngoba ungathola ukuthi nesinqumo sokuketula uMsholozi sithathwe ngakho ukugagamela.

Akukwazi ukuthi izwe eselidlule ezintweni eziningi kangaka livele livalwe yinkungu kalula kanjalo nje, lihehwe yinkulumo yodwa engahambisani nazenzo. Usemuningi umsebenzi ohlalele uRamaphosa futhi sonke siyajabula ukuthi izwe lithola isiqalo esisha, kodwa ake sithi ukwehlisa amaphaphu - kusasekuseni kakhulu.

URamaphosa uthe mthumeni, akashongo ukuthi mncomeni engangayi nalapho ethunywe khona.

Angigxeki lutho, kepha ngiyayala eyokuthi situse umuntu singakayiboni imisebenzi yakhe!

– Landela uSindi kuTwitter (@Sindi55).

– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

DisclaimerINews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.