INGOSI: Ngeke ulunge esithenjini uma uyipigogo

2017-07-10 19:30

Durban - Siyanizwa-ke bodadewethu nithi uma uMusa Mseleku wodumo lohlelo Uthando Nesithembu engabeka ababili-amathathu ningagxuma nihlale niyoba wunombolo 5.

Njengeqhikiza lenu bozakwethu abangozendazamshiya, amaqhasha emijendevu nomabuyemendweni, ngicela ukubuza ukuthi niqale nini ukuthanda isithembu?

Ngaphezu kwalokho ngicela ukwazi ukuthi njengoba ningoNtoyami kangaka, uzokumela yini ukuthanda ingane yomunye umfazi ngokungazenzisi? 

Phela esithenjini kayikho into yakho nje wedwa, konke ngokwenu, ngokwala nigane khona. 

OLUNYE UDABA:MAMGOBHOZI: Luphele sekujabhe abaningi uhlelo lukaMseleku

Uma kuthiwa umyeni uyagcagca namuhla, wena nkosikazi omunye ovele esekhona ungena esixukwini nje uyaphithizela, uyasebenza uphansi phezulu wenza isiqiniseko sokuthi umshado walayikhaya uhamba kahle, nomakoti lo ozayo ufika cha impela wemukelwa kahle. 

Isikhwele eceleni le kude. Kayikho lento yo "my husband" laphaya, kumele usho kugcwale uthi "our husband" futhi usho umamatheke, ungalokhu ubipha la, ha-haaa-haaa. 

Kanjalo nezingane zabanakwenu ngezakho-ke mntu, ngikutshele. 
Ngiyayithanda-ke le yezingane ngoba uthola umuntu engena esithenjini azi kahle ukuthi indoda isiganiwe ngamakhosikazi amabili, yena uzoba ngowesithathu, futhi injalo nje le ndoda isinazo izingane ezingaphambi kweyakhe. 

Uyafika laphaya ungqesta usebiza ingane ngoyise kaSinothando wakhe ekubeni kunoNtombikayise ozalwa yinkosikazi endala noSiyanda ozalwa yinkosikazi yesibili, cha! 

Uzoba yipigogo uqhwaga uyise kaNtombikayise umbiza ngeyakhe nje ngamabomu, uchuku la luhamba khona. Ngale kokuntela nokuncokola, ake niyeke ukugwegwisa izinto. 

Thina sikhule ubaba ebizwa ngokuthi wuyise ka… bese kushiwo igama likabhuti wethu omdala kumamdala.

Ehhene, bekusesithenjini nakithi. Omama abeza kamuva bebengenasikhathi sokulwela ukuthi sekuzobangwa ukuthi nabo bambize ngezabo izingane, hhayi-bo. 

Olwani uchuku! Ngiyacabanga nje lokho kunika isithunzi inkosikazi endala nokuvuma nje ukuthobela lento abathi yi-protocol, ukuvume nje ukuthi kawuyona indlunkulu yakulowo muzi.

Musa ukubangisa umamkhulu esikhundleni sakhe ngoba noma sekunomcimbi wuye onegunya lokukhipha inyama yamakhosikazi endawo ngezithebe, kudliwe. Wena okwakho uyakwazi, vele wezela khona ukuzokwelekelela umamkhulu kukho konke, ncika kuye-ke musa ukufuna ukuzomqinela, habe! Uthole umuntu enenhliziyo embi nje sdalo bese ethi ufuna isithembu, we bhatata! Usahlulwa wukunaka izingane zesoka lezi elizizale ungakafiki?

Ngiqale ngayiziba le ndaba emasontweni ambalwa edlule kuqala uhlelo lwakwaMseleku kumabonakude kanti kuzoba nesasasa kule mpelasonto uMseleku ethekeka namakhosikazi akhe bebahle beconsa laphaya emcimbini wamahhashi nemfashini, iVodacom Durban July. 

Kuthiwa bekungezintombi bekukhiza nje bezilahla kuMseleku, bemdonsa ngapha nangapha abanye becela ukushutha izithombe naye.

Nokho abezithombe kabanasimanga ngoba ukushutha izithombe kakunankinga ne-ncuuuu kwazisholo izalukazi.

Inkinga yilaba asebevele bafana nesimo sezulu, gwiqiqi sebesithanda ukufa isithembu ngoba nakhu bebona esakwaMseleku ku-tv. 

Ngisho bona laba akade bethi cha ngeke balubhade esithenjini ngoba kwasha-kwavutha-kwacima. Njengoba sebeguquke bazalwa kabusha ngenxa kaMseleku ake bazibuze ukuthi bangakumela yini ukuthobela umthetho wasemganweni oyisithembu noma babona sengathi isithembu wumdlalo kamas'gcozi wobukhazikhazi, kuyodliwa imali yomyeni nje kutetemukwe ngezimoto? 

Laphaya uthathisela yonke into kundlunkulu, inkosikazi endala namanye amakhosikazi ogane nawo. 

Njengoba sewujwayele ukugqanqula nje nokuziphatha, ngeke ulunge mntakagogo. 

Mhlawumbe yilemizi eyizithabathaba uMseleku ayakhele amakhosikazi akhe edida abantu bese bebona sengathi hhowu, wubala isithembu inqobo nje uma indoda isutha.

Abantu futhi mabayeke ukubukela phansi laba abazikhethela ukungena esithenjini, belokhu bebanameka amagama alumelayo.

Kusemganweni laphaya, ziyaphendula, izinselelo zobufazi zithe bhe kanti futhi uzobe ugane nomunye umuntu okanye abangaphezu koyedwa. Ubani nobani uza neconsi lakhe, akekho onesikhathi sakho. 

Uyedwa okhuluma abhadluluke sengathi udilika emthini, omunye uyancishana futhi ukhonze ukunihleba kubaba wekhaya.

Sekuyoba kuyena-ke ubaba ukuthi ungumuntu okwaziyo na ukuhlaziya into ngaphambi kokukuqula amacala. 

Kulobe uThobile Nxumalo onguMhleli oMkhulu weLANGA

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter        

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

How your dog can tell what you’re feeling

Researchers have found a specific area in a dog’s brain that recognises human faces – a finding that may help to explain why dogs are so sensitive to human social cues.

 

Paws

Share your 67 minutes with animals in need this Mandela Day
Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!
Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.