INGOSI: Ngeke uthwale ukudla njengendodakazi

2017-07-31 19:30

Durban - Njengoba bengisasho-ke, kwazisholo usomahlaya thizeni he-hee-heee. 

Ngithe ngisasho-ke nami kwelangoLwesine ukuthi hlukanani nalo mkhuba wenu wokuthatha ngozwane emizini okusuke kunesifo kuyo, uphiko lwami lwezobunhloli lwabe selungibikela ukuthi cha empeleni amadodakazi yiwo aqengqeleza phambili emkhubeni wokulahleka kwezinto emakubo.

Kuthiwa wona-ke amandla ngasegiloseni, amakhekhe nasenyameni namadombolo. 

Kangiphathi uma umuntu ehlala edolobheni ufisa ukuthwala umhlubulo wonke wenkomo yomcimbi wakubo aze asho nokuthi ibiza kabi inyama eThekwini. 

Uthi-ke lo oshoyo, amadodakazi uma kushoniwe noma kuhlatshiwe okanye kunomshado nje emakubo afika evele esehlome ngezikhaf'tini ezingangobabang'bone namabhakede ukuze uma kukhona okusadombolo okuthathekayo asheshe akuthi thasi, akuthukuse la kwazi khona yena yedwa umuntu. Ulaphaya kubo nje umuntu ucabanga emuva ukuthi ifiriji ulishiye ligenqeza, ucuthile ugade ukudla. 

Hhowu, kahleni bo we manjezakazi. 

Ngakhula kithi indodakazi ibizwa ngenjezakazi phela, kuhlonishwa omunye womkhulu owayewuMadoda. Uma ungazazi-ke izihlonipho, ohho asidlule-ke lapho. 

OLUNYE UDABA: INGOSI:Ngeke ulunge esithenjini uma uyipigogo

Kuthiwa-ke amanjezakazi lawa kawezwani nhlobo nokubona ukudla kuhleli nje kungahluphe muntu, abuza kuqala athi: 

"Ukhona nje kodwa u-curry osele ebhodweni lapho ningifakele la esitsheni sami, sengiyodla ngendlela," esho ebe evele eselitholile ipuleti. 

Omunye akenqeni nokulibeka ngembaba elokuthi uphakela abasele emuva ekhaya ngoba ngeke esapheka uma efika kwakhe.

Uma kuwukuthi uzohamba ngakusasa, uqalelela ukuthukusa emgodleni wakhe mhla efika ngoLwesine, kwazise amadodakazi imvamisa afika ngoLwezine kanje. Amakhekhe ombhako-ke kabawabheki. 

Uke ubone uma sekuphakwa nina enisuke nisekhishini nibe yilokhu niwakhiphile nje amakhekhe ngamathileyi kodwa izingane eziwetayo zibe zilokhu zibuya zithi kusashoda etendeni noma erondweni? 

Ehhe, ngamadodakazi lawa amoshayo nemithonseyana yalabomakhelwane abangenamahloni, abavele bafike noshekasi-ke bona.

UMGODI KAWUGCWALI

Umthole umuntu liqede lifike kuye ipuleti lamakhekhe abakaze, eqalaza ukuthi bangaki abambonayo maqede acoshe ngamathathu amakhekhe, shuthekiyane esikhwameni.

Lapho-ke akathule la emlonyeni, uyazibisa ehhumazela ngenkulumo-thizeni: "Ewu, ake ngiphatheke abazukulu oBafana bandla ekhaya ngoba hheyi ngeke ngingene ngingaphethe lutho, bazonginqaka ngingena nje ngesango."
Ekhishini nilokhu niwakhiphile belu amakhekhe, umgodi kawugcwali. 

Uma nibuza izingane ezithuthayo ukuthi kanti baweta kanjani uma kulokhu kubiziwe nje etendeni, zikutshele ukuthi ithileyi lokuqala nelesibili lamakhekhe avele aphelela ngasemnyango ngoba omama bawasholombile bawafaka ezikhwameni.

Sengaze ngabona mina ukuthi indlela engcono wukuthi abantu bawetwe lokhu kwangempela kokuthi bacoshiswe amakhekhe, ubabambele ithileyi uze uyophuma enhla nolayini ukuze kwenele wonke umuntu oze emcimbini, abazukulu siyobuye sibabone ay'suka. 

Phela ngeke kwenele uma siweta ugogo ngamunye oze la emcimbini siphinde sicabangele abazukulu bakwakhe abathathu. 

Ekugcineni uzophathwa yiphika sekuthiwa abantu bakhononda ngokuthi babulawe yindlala emcimbini wakho ekubeni ukudla bewukuthenge wazenelisa ngoba ufisa babuse, ngakho-ke mababuse khona la egcekeni baphume besuthi, hhayi bekuthwele ngezikhwama kuyikhathi bezocosha abazokudla ngoba kuzoshoda.

Ezinkampanini sebayibona le ndaba ngoba uma kuyimicimbi yoKhisimusi kudliwa, bayawabhongqola bawavule amakani kanemenaydi ukuze kungabi khona aphonseka ezikhwameni nasezimotweni. 

Babeka umuntu wabo omi ngasebhavini leziphuzo, ufike usho igama lesiphuzo sakho, akuthathele, akuvulele, athele engilazini, kwehle izihlathi kulaba abakhonze ukuthwala ukudla neziphuzo.

Amadodakazi-ke kuthiwa nezithebe zibonwa yiwo, uma kuke kwasala idombolo nje, selihembe. Ngeke baliphindisele endlini okuphakelwa kuyo libonwe, benjalo nje kabenqeni ukuqoqa kusukela enyameni yokosa, amakhekhe nedombolo, ufice sekuyisibhicongo nje kushekasi wendodakazi.

Vele amadodakazi anesabelo sawo uma kunomcimbi wesihle ekhaya, kungesona isifo. Kunenyama eqondene nawo okumele akhishelwe yona, aqoqane ajuphulelane izabelo zawo kepha abuye aqoqe nokunye nje okungahlangene-ke nawo, umuntu engabe uyadla ashaye esentwala cha, uncamela ukuvuthukelwa ngamakhekhe indlela yonke esebuyela kwakhe ngoMsombuluko.

Kawekho yini ngala enigane khona amakhekhe we madodakazi? 

Enye into exakayo ngamadodakazi yilawa angamavila angafuni nokwelekelela ngokuxova ujeqe noma ukunicwecwisa bese kuthi uma sekuphakwa umuntu agijime azonitshela ukuthi ucela niqale kuloya rondo ngoba kukhona abantu bakwakhe noma bakwandodakazi yakhe endala.

Uyanididisa-ke manje ngoba beninombole kahle ukuthi nizoqala niphakele umphakathi etendeni, niye emadodeni erondweni yokuqala, niye kwabasekhaya kwelinye irondo nigcine kuleliya.

Yena usefuna ukuba muhle kulaba abaziwa nguye kuphela, okusho ukuthi umphakathi wonke lo nezinye izihlobo zalayikhaya mazime kancane kuqale labaya ukuze yena ezoba muhle??

UThobile Nxumalo nguMhleli Omkhulu weLANGA. Lo mbhalo ungukuhlaziya okuzimele okuhambisana namancoko nokuntela.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.