INGOSI: Qaphela, akusiwona wonke amanani aphansi azokusiza wonge

2016-11-21 13:31

Durban - Sesifikile leso sikhathi sonyaka lapho kuphithizela wonke umuntu ngemizamo yokutholela imindeni konke abazokudinga ngamaholidi.

Ama-Mall agcwele mfi abantu bephuma bengena ezitolo bathenga yonke into ongayicabanga, izipho zikaKhisimusi, izimpahla zokugqoka zezingane, ukudla, iziphuzo kanye nokunye okuningi.

Umuntu uthi engabona izikhangiso kumabonakude ukuthi izinto zicoshwa phansi esitolo esithile, asukume ngokushesha angabe esacabanga ukuthi yini ebalulekile ayidingayo nokuthi yini engabalulekile kangakho.

Umuntu ugxuma ahlale, ababele ezitolo, uma ebuya, uphethe amanandinandi into ezovele iphele kungakafiki nezinsuku ezibalulekile.

Yini okumele uyikhumbule uma uzama ukonga nokuthenga okubalulekile kulawa maholidi?

Khohlwa o-Black Friday, o-50% abephuliwe noma kuthiwa uma uthenga okunye uthola okunye mahhala, ungathathwa izinto ozibona kumabonakude nezinto ozizwa komama basemabhasini.

QOQA amaphepha ezitolo ezahlukene, bese uqhathanisa amanani ezinto ozidingayo. Bhala phansi okudingayo nokuthi yisiphi isitolo esizokunika kona ngamanani aphansi.

Kwesinye isikhathi izitolo zinokukhangisa ukuthi kunamanani aphansi, uma uthi uyabheka ubone ukuthi lento abathi ishibhile ibiza kakhulu kunokujwayelekile, bayazi ukuthi abantu abavamile ukunaka izinto, uma ubona kubhalwe ukuthi kunesaphulelo sika-50% wena ugxuma uhlale kanti bayakuqoba ungaboni.

KHUMBULA AMA-COMBO: Kunezitolo ezikwenzela kubelula ukuthola okudingayo, isibonelo nje u-Cambridge unamacombo emifino njalo ngoLwesithathu, mhlawumbe uShoprite unama-combo empuphu, uflawa kanye noshukela. Nakuwona la ma-combo, uboqhathanisa amanani ubone ukuthi yisiphi isitolo esikunika okugcono.

UKUTHENGA NDAWONYE NJENGOMNDENI: Eminye imindeni iyaye ihlale phansi izame ukuthola izindlela zokuhlanganisa imali ukuze kube nemali eyanele yokuthenga konke okudingekayo. Uma nazi ukuthi njalo ngoKhisimusi niyehla niya ekhaya elikhulu, kungabangcono ukuthi umuntu ngamunye osebenzayo akhiphe noma u-R250 wokudla, izinsiza zokuhlanza ekhaya kanye noncamnce bezingane.

Lokhu kuyasiza ngoba kuqeda nokukhuluma kubantu, umuntu angagcini ngokufihla izinto ku-wadrobe ngoba engafuni izingane zomfowabo zidle izinto zezingane zakhe, kodwa ukuhlanganisa ndawonye kusho ukuthi akekho ozosala engenalutho.

Okunye okuhle ngokuhlanganisa wukuthi ukudla kuba kuningi futhi umuntu uyazi ukuthi noma sekuhanjwa  kubuyela eGoli, ugogo akasali engenalutho.

KHUMBULA, uma usebenzela kude nasekhaya, uboqinisekisa ukuthi uyakuthenga ukudla lapho uhlala khona ngaphambi kokuba uhambe.

Uzishiyele nemadlana eceleni ukuze ukwazi ukubuyela kahle emsebenzini uma esephelile amaholidi. Ungakhohlwa ukuthenga ugesi eceleni, ngisho ungeke uwufake ngaleso sikhathi kodwa uwubeke wenzele ukuthi uma usubuya, ungabi nenkinga.

Uma uhlala nabantu abaningi emqashweni futhi bekhona abangeke bagoduke ngamaholidi, kungakuhle ukuba uthenge i-Gift Card ezitolo ezifana no-Checkers, Pick n Pay kanye nezinye.

Leli khadi ulithenga ngemali oyifunayo, kungaba elika-R600, owaziyo ukuthi iyona mali ozoyisebenzisa ukuthenga ukudla uma usubuyile ekhaya.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.