INGOSI: Sizodlala iDA ne-#BlackFriday 'engumbhedo'

2017-04-05 16:04

Durban - Uyakhumbula mhla uZuma eseMgungundlovu ukuthi wakhuluma ngomsebenzi onzima wokubuyisela umnotho wakuleli kubantu bakuleli kuphucwe abelungu? Kunjani uma kunjena?

Umnotho ngokubona kukaMengameli

Ngonyaka odlule eralini ye-ANC eMpumalanga, uMengameli Jacob Zuma wakhuluma ngodaba lokubuyiswa komnotho ebantwini abafanelekile.

UZuma watshela i-ANC ukuthi iqembu lizama ukuvala igebe lezomnotho elikhona ezweni, okuyinto eyenza idlanzana kanye nalabo ababengabacindezeli baphelelwe ubuthongo ebusuku.

Ukucaphuna nje inkulumo kaMengameli;

"Kwamanye amazwe, iningi labantu yilona elilawula zonke izinto kusukela kwezombusazwe, ezomnotho nezokuvikela…yilapha kuphela la khona singenayo inkululeko yezomnotho. Ulawulwa yidlanzana, okuyilabo ababesicindezele.

 "Yingakho benokwesabela ukuthi sizowuthatha umnotho. Bafuna ukuthena amandla i-ANC ngoba bayazi ukuthi i-ANC yiyo kuphela inhlangano ezama ukulungisa izinto. Balawula yonke into, thina siyahlupheka. Yingakho bezonda i-ANC,” kuqhuba uZuma.

Kule rali uZuma wagxeka amaqabane e-ANC nalabo ababengamalungu ayo ngokukhuluma kabi ngaye esidlangaleleni, wathi basetshenziswa yisitha.

"Abanye babo kunezinto ngabo eziyimfihlo esizozidalula ngokuhamba kwesikhathi.”

 Uyaqala yini uMengameli ukushintsha ikhabinethi?

 Akusikhona okokuqala UMengameli eshintsha iKhabinethi, futhi kuyaziwa ukuthi UMengameli akadingi ukufaka isicelo komuntu uma efuna ukwenza lokhu, pho kungani iDA incinzeka kangaka kulokhu?

Kanti yini engaka abafuna uPravin Gordhan ayenze? Ngabe kukhona abephezu kwakho thina esingakwazi? Kanti uGordhani lo akalona yini ilungu le-ANC? Pho manje kwakhala izitha ngokuxoshwa kwelungu lomndeni?

Hhayi, babodwa abathi uZuma kade ewabona amaxoki phakathi ku-ANC kodwa ethule ewabuka nje - useyagadla uMhlanganyelwa sekuncinzeka abaseceleni?

Zolo lokhu uZuma wayekhala ngokuthi uyalazi iqiniso ngabantu abazenza sengathi bathembekile kanti lutho.

Selokhu ekhishiwe esikhundleni uGordhan usehamba ememezela kubantu ukuthi ababhikishe, njenganini la ake atshele khona abantu ukuthi ababhikishele ukubuyiswa komhlaba? Wake wamuzwa wena uGordhan ekhuluma ngodaba lokubuyiswa komhlaba?

Wake wamuzwa ekhuluma ngokuthuthukiswa kwabantu abansundu ukuze kuqiniswe umnotho nhlangothi zombili?

Ngivumele ngithi unesibindi umtakaNxamalala ngoba yima kukhululeka iNingizimu Afrika kwezomnotho.

Benzani oMengameli baphambilini ngodaba lomnotho nokubuyiswa komhlaba?

UNelson Mandela wayememezela inkululeko yamahhala umnotho ube usezandleni zondlebezikhanyilanga. Kuthiwa asibuyisane sixolelane kube nokuthula ezweni kodwa sihlala emijondolo, basikhohlisa ngemali yeqolo.

Uyini nje u-R380 nendlu yomxhaso elokishini abamhlophe benamapulazi nemfuyo. Wafika uThabo Mbeki kwathiwa yisifundiswa yisona esizosikhulula.

Kuyaziwa phela nasekhaya ukuthi umfana omncane ofundile uthenjwa kakhulu kunobhuti omdala owalibala ukulwela umzabalazo wakhohlwa yisikole...sakhuluma sagcinaphi noMbeki mayelana nomnotho wabansundu? Yona indaba yomhlaba, wathi kuzokwenziwa njani ngayo?

OLUNYE UDABA:'Laba abagxeka i-ANC banezimfihlo esizozidalula ngokuhamba kwesikhathi'

Zolo lokhu inhlangano iBlack First Land First yayikhankasa ithi abantu abamashe bamashele ukubuyiswa komhlaba, ababoshwanga? Yakhuluma yathini iDA ngalokho? Bangakhi abamasha? 

Namuhla kuthiwa #BlackMonday #BlackFriday, ngoba into emnyama ayisile kumele ilawulwe abebala ngaso sonke isikhathi?

Mhla uMmusi Maimane egqugquzela izakhamuzi zakuleli ukuba zimashele ukuthola umhlaba, izinsiza zikahulumeni noma imfundo yamahhala, ngiyobe ngigijima eduze kwakhe, kodwa uma amaphixiphixi ethi asimashele uGordhan ongakaze akhuthaze isizwe esimnyama ukuba asihlangane sibe yimbumba silwele umhlaba, cha singasho sithi iDA ayikamazi umuntu omnyama futhi ayizazi nezidingongqangi zakhe.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.