INGOSI: UJehova akahlakaniphile kahle

2017-03-28 12:33

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban - Ngike ngathi gozololo, ngahlala ehlane ngisesiguqweni sokufuna uJehova kodwa asitholananga. Ngizwe kuthiwa ubesematasa ngendaba yomhlaba waseSouth Africa okumanje usasezandleni zabacindezeli.

Phakathi kwezinye zezinto engizizamile ukuhlangana noJehova ukuze sibonisane njengamadoda ukuvakashela elinye lamabandla asindisiwe ngoba ngizwe kuthiwa uJehova wakhona uhamba ngezinyawo.

Ekufikeni kwami ngazibonela uMfundisi ehla enyuka kukhona nezinceku zakhe ebezilokhu zimlandela ngemumva zimsula umjuluko ngenkathi eshumayela.

Yanginenga ke lento yokuthi kukhona abantu abayela ukuyosulana nekhanda lenye indoda esontweni, basonte nini? Lomfundisi ke ubevule incwadi yeziKronikile isahluko sesibili ivesi lesikhombisa kuya kweleshumi nambili. (2 Chronicles v7-10).

Kafushane le ncwadi ithi uJehova wanika inkosi uSolomoni ithuba lokucela noma yini. Kodwa uSolomoni kunokucela “noma yini” wacela i-wisdom ne-knowledge.

Ngibhala ngesingisi ngoba ngesaba ukuphanjwa isiNgisi ngitolike okungekho. UJehova wayesethi kuSolomoni, ngoba “uhlakaniphile” awucelanga umcebo nokunye okuningi kwasemhlabeni ngizokunika i-wisdom ne-knowledge ebese ngikubhansela ngomcebo nakho konke okunye obungakucelanga.

Intsumayelo ibigxile lapho.

OLUNYE UDABA: INGOSI: Kuyoba kubi impela uma umama wosana ebemdibi munye nezigebengu

Njengengqapheli ezigcobile ngiyaye ngiyijombe imigoqwane ngeqele ngale ngoba njalo kuhlezi kukhona esifihlelwa kona.

Uma uqhubeka nalesahluko kuyavela ukuthi Inkosi uSolomoni yaba ngehlakaniphile ngampela yaba nomcebo nemfuyo eningi. Yona nesizwe sayo kwaba yizwe lenala nomcebo.

Iqhuba ithi inkosi uSolomoni yathatha abafazi abangamakhulu ayisikhombisa (700) kanye nomakhwapheni abangamakhulu amathathu (300) nokwanenga uJehova.

Kanti lo Jehova akasile yini? Akuyena yini owanika lo muntu isiphiwo sobuhlakani? Liqhuba lithi izwi uJehova wanengwa ukuthi uSolomoni ‘kulesi spani’ sakhe sabafazi wathatha nabafazi bezizwe (foreign women) abafika nezinkolo zabezizwe kuSolomoni.

Akasile ngampela uJehova, ufike enze into, ithi mibheda angazigxeki yena ahlale nje emsulwa ebese ejaha ukuqalekisa abantu.

Yamnenga uJehova lento yokuthi uSolomoni amuphe ukuhlakanipha ebese  angakwazi ukukusebenzisa ubuhlakani nokuqonda ukuthi uJehova akabathandi abafazi bezizwe!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.