INGOSI: UJehova into yenduku nje!

2016-07-11 11:31

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban - Mhla kwafa mina nozwa kuduma izulu isibambene ngezihluthu noJehova ngale ema-heavens.

Siyohlikahlikana koquthuka intshebe isphambano ngimfunge ubaba! UJehova vele uyindoda eshayekayo igobe uphondo.

Bazokhamisa okhamisile, uJakobe wamthela induku uJehova waze wavuma ukwenza intando kaJakobe.

Lithi iBhayibheli laphaya kuGenesis 32 ivesi 22 kuya ku 31, uJakobe wabalekisa abafazi bakhe ababili…niyabona sidala kangakanani isithembu…kanye nezingane zakhe wazibeka ngaphesheya komfula ngoba exabene noJehova kubangwa isibusiso uJakobe ayesifuna ngo-dli!

Kwaba njalo ngampela uJakobe wamthela induku omdala wezinsuku waze wavuma ukumupha isibusiso washintsha igama waba uIsrael.

Uthi uJehova laphaya kuvesi 28 – Igama lakho akusayikuba ngiJakobe kepha ngu-Israel ngokuba ulwe noJehova/God kanye nabantu wanqoba!

Funda nalolu daba: Ebhalelwe umhleli: Ngicela usizo

Ayike tolikani botolika kodwa okusalayo uJakobe walugobisa uphondo kuJehova.

Mhla kufe mina ngaphambi kokuthi angifake emlilweni ngiyolwa ngize ngilwe ngezinqe njengenyosi. UJehova ukuthathaphi ngampela ukuthi axove izwe kanje? Udinga induku nje kwaphela!

Izwe limanaphanapha yigazi kumele sivume sibonge sithi uJehova uphile uJehova uthathile. Uquliswa nini loJehova yena?

Uquliswa ubani mebhedile? Yikokhe uJakobe wamthela induku nami ngomthela induku mhla ngifayo ngimbuze – ubani owangidalayo, ubani owangenza ngadlala abelungu, ubani owangenza ngathwala kanzima…ngibe ngimnenebula ngenduku!

Ngakhumbula ezangakithi izinsizwa eNdwedwe mezisemzileni sezithi – inkani iqedwa yinduku isibhamu sibulala umuntu baphela abantu unecala msunguli wesibhamu!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.