INGOSI: Uma uyikhansela usuke uyisigqila sabantu

2016-07-19 14:34

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban - Isikhathi sokhetho kumele kube isikhathi lapho amaqembu ezombusazwe abonakalisa khona izinguquko abafisa ukuzenza ekuthuthukiseni imiphakathi.

Lesi isikhathi lapho abantu bethakasele ukuzwa okuhle okuzokwenziwa kanye nokuveza abantu ababathembayo abazobamela futhi babahole.

Yize kunjalo, umona, inzondo kanye nokungathembani yikona okubonakala kuhamba phambili kwamanje amaqembuemaqenjini ezombusazwe.

Yiphutha elinjani-nje leli elenzeke kwi-NFP, hawu ngisho sekuthiwa senziwa iziphukuphuku masingenziwa izilima size sibone ukuthi kudlalwa ngathi.

Ukhona umuntu obhadlile kahle ekhanda ongakhohlwa ukukhokhela ukhetho, kanti basoke benzani bengabaholi baleli qembu uma bengaqinisekisi ukuthi yonke into imi ngomumo kwezokhetho.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Akekho umuntu olunge njengoJacob Zuma

Into enjani-nje futhi le yokuthi iqembu lisenkingeni, kumele kutholakale indlela yokuxazulula isimo, nangu usihlalo nonobhala bayashiya, hhay ayinuki ingosiwe.

Yabona ukungathembeki eqenjini lakho kunenza nonke niphenduke inhlekisa. Ngiyacabanga ukuthi zikhona izinkinga eziholele kulesi simo, kanti ungathola ukuthi izinkinga ebezingaxazululeka uma abantu bezehlisa.

Buka uKhongolose, hhay abafi abantu, impela ngathi bayasampula, kusawubuholi obuqotho lobu kukhongolose oyithemba labantu abaningi?

Buthule bathini abaholi babeli qembu esifundazweni sakwaZulu-Natal njengoba abantu bephela phambi kwabo? 

Sekungaze kuchitheke igazi ngesikhundla sobukhansela, kanti ukuba ikhansela kusho ukuthini bakithi? 

Mina ngicabanga ukuthi uma uyikhansela usuke ufaniswa njengesisebenzi somphakathi, uyisigqila sabantu uqobo lwaso, uwena okumele usukume kuqala uma kunezinkinga emphakathi. 

Phezu kwalokhu kumele ulale ungalele ulindele amathuba amahle angathuthukisa umphakathi. Manje nisho ukuthi labantu ababulalalana bodwa balwela ukusebenzela umphakathi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.