Durban - Nakhu-ke wena
usukipitile kubo kasoka lakho, uhleli nje kumnandi uthando luvutha amalangabi
usuze waphenduka ingane yalapha ekhaya.
Kodwa umama wakhe
akakuthandi,
Izingane zakhona
zihlezi zibalisa ngalokhu nalokhuya zikugcona,
O-anti nogogo bakhona balokhu behleka ubala uma bekubona, ubezwe sebebuzana bodwa emakhoneni, “kodwa
weJabu dadewethu, lo makoti wakho wamahhala kuyisimakanjani ngaye,” bebuza “umamazala
wakho phela”
hehehe, wena ulokhu
uqhoqhobele lapha ujabulela nje ukuthi isoka/ubaba wezingane zakho uyakuthanda
nawe uyamuthanda.
Ubuye akudelele yena
lo dali wakho, afike nezintombi uma ungekho uvakashele kini, ngoba phela usuwaphenduka isivakashi kini, bathuka kabi uma bekubona ukhonkothwa nayinja.
Usubona nje ngekamu
nento yokubopha izinwele ukuthi kukhona obekavakashile isithandwa sakho wena ungekho.
OLUNYE UDABA:INGOSI: Maningi amadoda athwele imithwalo okungeyona eyawo
Buye adelelani
lamantombazane ancikisiwe uma ethola ithuba avele afune ukuziveza.
Uzobekezela phela
uzothini, kudala nithandana nalo muntu, wazishintshela yena bakithi manje uzomlahlela bani, futhi-nje okukabani ukuqala uthando olusha.
Buye kuyacika
ukufunda umuntu omusha, eyi uzokuzela nezinto ongazazi ebanga isicefe, kungcono
khona ukubekezela khona la.
Eyi uma
kunemisebenzi, babodwa abakujabulelayo ukuba khona kwakho la ekhaya, buye
ukhuthele yini, ikhono lakho lokushaya ujeqe likwenzwe waba ungqoshishilizi
ekhishini.
Bese kuba khona loyo
malume, sonke sinaye loyo malume, akakhulumi unani, muyeke uma eseshaye i-two-nyana.
Uvele akubuze umbuzo
olula kodwa onzima, wematoki kadadewethu, bathini kini njengoba uhleli la
ekhaya kwaNxumalo?
WeMbongeni,
seniyazenzela emzini kadadewethu senahlala nezintombi nje nizenzela
umathanda.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- Izindaba.News24