INGOSI: Wakhuluma uJulius Malema ngahlabeka

2017-06-16 14:30

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban – Uma ubazi ubunzima bendlela eya empumelelweni ehanjwa yingane yomuntu omnyama, akulula ukuthi ungahlabeki uma uzwa inkulumo efana nale eyethulwe ngumholi we-Ecopnomic Freedom Fighters, uJulius Malema.

UMalema ubekhuluma eBoipatong, eGauteng, kubungazwa uSuku lweNtsha.

UMalema ukhulume efunda phansi, kwathi uma esechaza ngesimo sengane yomuntu omnyama enyuvesi wabona ukuthi akasafundi into ebhalwe phansi kepha usekhuluma okusuka enhliziyweni.

Uyabona uthe uma esethi abazali ababazi ubunzima izingane ezibhekana nabo emanyuvesi, ngezwa izinyembezi zihlengezela ngoba empeleni akekho umuntu ongabazi ubunzima bempilo. Noma ake ngithi baningi ababaziyo ubunzima.

UMalema ukhulume ngzingane ezilala ema-library nasezindlini zangasese emanyuvesi ngoba zingakwazi ukuthola indawo ngaphakathi futhi ezinye azinayo imali yokuhlala emafulethini. Waze wakhuluma nangokuthi ezinye zidla ngisho emigqonyeni ngenxa yokweswela.

Uthe lezo zingane uyazihlonipha ngoba zilwela ikusasa eliqhakazile nokuphuma emaketangwini enhlupheko.

Ukhulume wambona ukuthi uyakwazi ukuxakeka, ngoba ngempela uma umuntu ekhuluma ngento ayaziyo awukwazi ukungathatheki yile nto asuke eyisho.

Ungithathe kakhulu esethi ukuba mnyama kusho ukunakekelana, ukuba nobuntu nokwazisa umunye umuntu, ngathi mmmmmh impela khona la esiyilahle khona singabantu abamnyama ngoba lezi zinto azibalayo seziyimvelakancane.

OLUNYE UDABA: INGOSI: Bamsulwa abaholi bethu yithi esikhohlakele!

Konke uMalema akubalulile ngobunzima bengane yomuntu omnyama kuyiqiniso ngoba empeleni abazali ababazi ubunzima izingane zabo ezifika zibhekane nabo emanyuvesi ngoba kwesinye isikhathi azithandi ukubika yonke into kubona ngoba azifuni bakhathazeke.

Ngikhumbula nje mina ngisafunda esikoleni okwakuhlalwa kuso ngaphakathi, ezinye izinto ngangingaziceli ekhaya ngoba ngangazi ukuthi umama akanayo imali. Yena ngiyazi wayezoyizama aze ayithole uma kufuneka into yesikole, kepha ngangingafuni kuze kufike lapho.

Kuyiqiniso elingephikiswe lokhu obekushiwo uMalema ngendlela umuntu omnyama aziphatha ngayo nangomkhuba wokungafuni ukwesekana sisodwa.

Uthe akumele sizibukele phansi izinto ezikhiqizwa kuleli kanye nezabantu bakuleli ngoba kuhle ukwesekana sisodwa, singagxumeli izinto zangaphandle sihluleka ukuqala ngezasekhaya.

Ngiyethemba onendlele umzwile uMalema ekhuluma nangokubaluleka kwemfundo kumuntu omnyama wathi ngoba yiyona ndlela esingayisebenzisa ukubuyisa isithunzi sethu.

Angisho ukuthi ngithini, kepha ingithintile inkulumo kaMalema, bengingalindele! Ingenze ngazinuka amakhwapha ngezinto eziningi.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.